Sihlawuliswe isivakashi esingene nokudla endizeni

Dylan Bettencourt

Isivakashi sase-Indonesia sihlawuliswe u-R33,000 ngokufika e-Australia nama-McMuffin amabili kanye ne-ham croissant emgodleni waso.

Isidlo sakwa-McDonald esigcine sidle isivakashi izizumbulu zemali sitholwe inja ehogelayo esikhumulweni sezindiza i-Darwin kuqinisekisa izikhulu.

“Lokhu kuzoba ukudla okumba eqolo kwase-Maccas lesi sivakashi eseke sakudla,” kusho uNgqongqoshe wezolimo wase-Australia uMurray Watt.

Inhlawulo enikezwa isivakashi ingakhokhela amasoseji angu-567 kanye namaqanda, ama-McMuffins e-Sydney noma ama-Big Mac burger angaphezu kuka-1,000 kuleli.

I-Australia isebenzisa umthetho we-hyper-stringent biosecurity emzamweni wokuvikela imboni yezolimo yezwe ezinambuzaneni nasezifweni ezivela kwamanye amazwe.

Iziphathimandla zihlale ziqaphile ngenxa yokuqubuka kwesifo se-Foot and mouth disease esivela e-Indonesia.

Isifo i-Foot and mouth disease asiyona ingozi enkulu empilweni yabantu kodwa siyingozi enkulu kwimfuyo.

Yonke inyama ethengwayo evela ezweni kufanele icutshungulwe ngaphambi kokuba ivunyelwe ukungena e-Australia.

Akukacaci ukuthi kungani isivakashi sizame ukushushumbisa ukudla kwase-McDonald’s e-Australia.

Abasebenzi basesikhumulweni sezindiza nabo abazi ukuthi ukudla kugcinephi.

Umthombo wesithombe: @LiveStrong

Izihloko zakamuva