Sigubezelwe ifu elimyama isikole okulwe kuso abafundi kwaphuma isidumbu

Everson Luhanga

Ukulwa kwabafana bebanga amantombazane emagcekeni esikole sekuyinto ejwayele ukwenzeka. Kodwa ingxabano eyenzeke esikoleni samabanga aphansi e-Pholosho endaweni yase-Alexandra iphele ngesihluku ngemuva kokuba uQhayiya Nkaba oneminyaka eyi-16 bemgwaze washona.

Ingxabano ibingamfaki uNkayi, kodwa uthe uma ebona umngani wakhe ukuthi ushawa kanjani ube esefuna ukuziphindiselela.

“Besixabanela intombi engithandana nayo” kusho umngani kaNkaba oneminyaka eyi-15 ofunda kuso isikole saseGoli etshela i-Scrolla.Africa ngoLwesibili.

Lo mfana osindile kodwa olimele kudebe olungaphezulu, uthe bebelwa bebanga intombazane ngoMsombuluko. Uphinde wathi intombazane isiwanikezile amaphoyisa isitatimende.

“Ukuxabana kwethu kuqale ekuseni kodwa kwagcina ehhovisi likathisha lapho uthisha afike wasikhuza khona ukuthi asiyeke lento esiyenzayo” kusho lo mfana omncane obelimele.

“Ngibe sengizitshela ukuthi udaba seliphelile kodwa ngesikhathi sekhefu umngani wami ubonile indlela engilimele ngayo wase efuna ukuziphindiselela. Yilaphoke kuqale ingxabano yesibili eholele ekubulaweni kwakhe.

Uthe uzwe ngokushona kukamngani wakhe ngesikhathi sebebizwa ehhovisi likathisha okwesibili kuzokhulunywa ngale ngxabano ephinde yasuka.

“Ubengumngani wami weqiniso. Besihlezi sihamba ndawonye siya esikoleni siphinde sibuye sihamba sobabili. Ushone elwela mina ngoba besizwana kakhulu” kusho umfundi.

NgoMsombuluko umsolwa oneminyaka eyi-15 walethwa ubaba wakhe emaphoyiseni okuyilapho afike waboshwa khona.

UNgqongqoshe wase-Gauteng ophethe ezemfundo uPanyaza Lesufi uvakashele isikole kanye nomndeni kamufi ngoLwesibili.

Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esesikoleni lapho kwenzeke khona le ngozi uthe kuzwisa ubuhlungu kakhulu ukubona abafundi bezifaka kulento yamaqembu ezigebengu baphinde bazifake kwizidakamizwa nokulwa okungenasidingo.

“Imihlangano eminingi engiyihambayo ezikoleni isikole nabazali basuke bekhala ngento eyodwa ukujoyina amaqembu obugebengu, ukushushumbisa izidakamizwa esikoleni kanye nokuphathwa kabi kwesikole” kusho uLesufi.

ULesufi ushayele umndeni womsolwa izandla ngokuhambisa indodana yabo emaphoyiseni.

Umama walo mfundi oshonile uBukeka Nkayi uthe amaphoyisa amfonele amazisa ngodaba lokushona kwengane yakhe.

“Angikakholwa namanje. Sidinga ezinye izimpendulo ukuthi kwenzakaleni” kusho umama wakhe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni Mavela Masondo uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

Izihloko zakamuva