Arthur Greene
Kudutshulwe uNdunankulu obesephethe isikhathi eside e-Japan uShinzo Abe ngesikhathi ethula inkulumo edolobheni lase-Japan i-Nara ngoLwesihlanu.
U-Abe obeneminyaka engu-67 ubenemizuzu nje embalwa esanda kuqala inkulumo yakhe yokukhankasela ukhetho lukazwelonke oluzayo ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu.
Ngemuva kwalokho uNdunankulu uvele waquleka waphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane ukuze athole usizo oluphuthumayo.
Odokotela bazame konke okusemandleni kodwa inhliziyo yakhe ibisimile. Kubikwe ukuthi ushone ngo-5:03 ntambama ngemuva kwamahora amahlanu nesigamu edutshuliwe.
Amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-41 ohlonzwe ngelikaTetsuya Yamagami ngezinsolo zokubulala. Kubikwa ukuthi uYamagami usevele wazivumela yena ukuthi uyena odubule u-Abe etshela amaphoyisa ukuthi ubengamthandi lowo obenguNdunankulu futhi ubehlosile ukumbulala.
Amaphoyisa athi isikhali okukholakala ukuthi sisetshenziswe kulesi sigameko bekuyisibhamu sokuzakhela. Baphinde bathola amabhomu nezinye izikhali eziningi endaweni kaYamagami ngokusho kwabezindaba zendawo.
“Lokhu kuhlasela kuyisenzo sonya esenzeke ngesikhathi sokhetho okuyisona sisekelo sentando yeningi yethu futhi akunakuthethelelwa nakancane,” kusho uNdunankulu wamanje uFumio Kishida okusobala ukuthi ubehlukumezekile ngesikhathi ekhuluma ezindabeni.
U-Abe ubengumholi wezombangazwe wase-Japan ubethandwa kakhulu kule minyaka engamashumi eyedlule kanti ubenesikhathi esifushane njengoNdunankulu kusukela ngonyaka ka-2006 kuya ku-2007. Nokho wabuyiselwa ngo-2012 wahlala esikhundleni sakhe kwaze kwaba ngu-2020.
Ubengusopolitiki odla ngoludala ozokhunjulwa ngokusayina kwakhe uhlelo lwe-Abenomics obekuhloswe ngalo ukuphakamisa umnotho wesithathu ngobukhulu emhlabeni eminyakeni engamashumi yokwehla kwamandla emali.
Umthombo wesithombe: @ChrisMinnsMP