Lubhalwe nguLungi Langa
Ugogo waseMsinga (72) uqoqe izindondo zegolide emjahweni wezaguga egqoke isiketi sakhe sesikhumba sabesifazane esibizwa ngesidwaba.
UGogo Hawukeleni Mtolo wasesiFundeni uMzinyathi uthi ugijima egqoke isidwaba ngenxa yokuhlonipha umyeni wakhe nangokwesiko.
UMtolo osanda kuhlabana ngendondo yegolide emidlalweni yokusubatha eqondiswe kwabadala i-Golden Games uthi akaziboni egijima engasigqokile isidwaba sakhe sesintu yize abanye becabanga ukuthi siyasinda. Uthi selokhu aqalauyasigqoka.
“Umyeni wami wangicela ukuthi ngisikhiphe kuphela uma kusho yena. Ngigijima ngisigqokile futhi anginawo amahloni ngalokho. Asingisindi futhi ngisuke ngijabulisa umnyeni wami,” esho emamatheka.
Lo gogo wezingane eziyisishiyagalolunye ubemele iKwaZulu-Natal emidlalweni ebise-Germiston, e-Gauteng, ngeledlule.
Ubelokhu ephume phambili ngaso sonke isikhathi uma kunomncintiswano eKZN futhi akakaze abaphoxe abalandeli bakhe emqhudelwaneni kazwelonke.
“Ngibashiye begijima ngezikhindi. Abantu abangakwazi ukuthi awukwazi ukukhipha isidwaba ngaphandle kokuthi kukhokhwe inkomo.”
Abalandeli bakaMtolo bamqambe igama elithi “Sidwaba soMyeni wami” bebhekise kwisidwaba abesigqokile, kanti bakusho lokhu ngesikhathi ezihola phambili.
Uthe ukuba ingxenye yezemidlalo kumsize esimeni sempilo yakhe. Uthi yena akanazo izifo ezingamahlalakhona.
Lokhu kuhambisana nenhloso yale midlalo okuhloswe ngayo ukukhuthaza izaguga ukuthi ziphile kahle emizameni yokuzivikela ezifweni ezingathathelani ezifana nesifo sikashukela, isifo senhliziyo nesohlangothi.
Umdidiyeli wezinhlelo ezikhethekile kuMasipala waseMzinyathi, uNksz Sindi Makhoba uthe bekungelula ukwethula lolu hlelo njengoba izaguga bezingakagculiseki ukungenela lolu hlelo.
Uthe kuyamthokozisa ukubona ugogo wontanga kaMtolo enza kahle kakhulu kule midlalo wathi nabahleli banethemba lokubona nabanye bebamba iqhaza.
Esithombeni esingenhla ngesikaHawukeleni Mtolo egqoke imvunulo yesintu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe