Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Isakhamuzi ebesidlula ngase-Blou Dam e-Driftsand, eKapa ngempelasonto sithole isidumbu sika-Anje Msi (14) obeseminze isikhathi esingaphezu kwesonto ngesikhathi ebhukuda nabangani bakhe.
Kuthiwa u-Anje ubesebenzisa ukhokho ukuze antante emanzini kodwa wangakwazi ukubambelela kukho waminza.
Umndeni wakhe uze wezwa ngokushona kwakhe ngoMsombuluko ngesonto eledlule ngesikhathi uyise, uVuyo Tsutsu eya esikoleni somfana eyobika ngendodana yakhe elahlekile.
UTsutsu ucele othisha ukuthi babuze abafundi abangabangani bendodana yakhe ukuthi bayazi yini ukuthi ikuphi.
Omunye wabafundi umtshele ukuthi u-Anje uminzile ngesikhathi bebhukuda edamini.
“Kuyangijabulisa ukuthi isidumbu sendodana yami sitholakele kodwa angijabule ngendlela amaphoyisa angabatshuzi aliphathe ngayo leli cala,” kusho uTsutsu.
“Ukube amaphoyisa angabatshuzi ebengayekanga ukumthungatha, besizomthola engekho kuleso simo. Kodwa siyajabula ukuthi simtholile futhi sizokwazi ukumngcwaba,” kusho uTsutsu.
Isakhamuzi esiligodlile igama laso sithe: “Akusona isigameko sokuqala lesi futhi okubuhlungu ukuthi akusona esokugcina ngale kokuthi kubiyelwe idamu.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uKaputeni FC van Wyk uthe kuzohlolwa isidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kuka-Anje.
Esithombeni esingenhla: Idamu okuminze kulo umfana.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze