Sigcine sitholakele isidumbu sentombazanyana (6) ebilahlekile

Dalphine Tagwireyi

Isidumbu sengane (6) uBontle Mashiyane obelahlekile sitholwe ngamaphoyisa ngoMgqibelo – ngemuva kosuku kuboshwe umsolwa uCollen Hlongwane kanye nabathathu abenabo.

Cishe ngemuva kwenyanga kubikwe ukuthi ulahlekile esigodini sase-Mganduzweni ngase-White River eMpumalanga, kutholakale isidumbu sikaBontle esicwiywe izitho zomzimba sigqitshwe ethuneni elingashoni eduze kwasekhaya kubo.

Udlwengulwe amahlandla amaningi ngaphambi kokuba abulawe. Kamuva izitho zakhe zomzimba zicwiyiwe zanikezwa isangoma. Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha isangoma esingekho phakathi kwabane ababoshiwe.

NgoLwesihlanu ebusuku amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nokuthi ukuphi uHlongwane, ngemuva kwesonto kuqalwe ukuthungathwa umbulali owagwetshwa kabili.

UKhomishana wesifundazwe saseMpumalanga uGeneral Daphney Semakaleng Manamela ukuqinisekisile ukuthi umsolwa (33) uboshiwe kanye nabehamba nabo abathathu.

“Siyakugxeka ukubulawa ngesihluku kukaBontle futhi silunywe indlebe ngamalungu omphakathi sabamba uHlongwane kanye nabanye abathathu ngoLwesihlanu ebusuku basiyisa ethuneni elingashoni lapho kade bemgqibe khona,” esho.

Ngokusho kwamaphoyisa, uBontle udlwengulwe ngomunye obehamba noHlongwane, owesilisa (40) ogama lakhe elingakadalulwa.

Umalume kaBontle u-Errence Ngutshane uhambe namaphoyisa nababulali bomshana wakhe baya lapho angcwatshwe khona. Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni udabukile ngemuva kokuqinisekiswa kwesidumbu sakhe.

“Nakuba ezinye izitho zakhe zomzimba bezingekho, ngimhlonzile umshana wami futhi okubuhlungu ukuhlukunyezwa okungenasihe kwengane eneminyaka eyisithupha engenacala, umndeni usezinhlungwini ezinzima futhi besinethemba lokuthi uzotholakala esaphila,” esho.

Kodwa uNgutshane uthi umndeni awukwazi ukuphumula okwamanje, njengoba isangoma okuthiwa sibambe iqhaza ekubulaweni kwakhe singakatholakali.

“Esikufunayo yigama lalesi sangoma, kusobala ukuthi lo muntu ukhohlakele futhi usazoqhubeka nokubulala izingane zethu ezingasaphephile emagcekeni akubo,” esho.

UNgutshane uthe ngoLwesithathu umndeni ulunywe indlebe ngokuthi ukuphi uHlongwane, okuthiwa ubezishaya isifuba ngokuthi amaphoyisa awasoze ambamba. Kodwa ngemininingwane edluliselwe emaphoyiseni, inhlanhla yakhe iphele ngoLwesihlanu.

Kubikwa ukuthi uBontle uduke ngomhlaka-22 kuMbasa ngemuva kokuthi agcina ukubonakala ekhuluma nomsolwa eceleni komgwaqo ngaphandle kwekhaya lakubo ngesikhathi edlala nabangani bakhe.

UHlongwane, owanikezwa ushwele ngoZibandlela ngo-2021 ngecala lokubulala, uzovela eNkantolo yeMantshi yaKwa-Bokweni ngomhlaka-23 kuNhlaba kanye nabasolwa abathathu ngamacala okubulala, okuthumba nawokudlwengula.

Scrolla World Cup Quiz