Sigcine sitholakele isidumbu sengane (8) eminzile 

Lubhalwe nguLungani Zungu

“Ngiyizwa inhliziyo yami inokuthula njengoba sengaziukuthi ngizokwazi ukungcwaba indodakazi yamingesizotha. Angikaze ngicabange ukuthi ngizositholaisidumbu sayo  ngemuva kokuduka.”

Lawa ngamazwi abuhlungu kaZahara Haraun ngemuvakokutholakala kwendodakazi yakhe uRahma Rashide (8)ominze ngesikhathi kunemvula enamandla KwaZulu-Natal ngeledlule, ngeSonto.

Izakhamuzi zase-Peace Valley eMgungundlovubezithungatha isidumbu sikaRahma kusukelangoLwesihlanu olwedlule. Waminza ezama ukuwelaibhuloho eliphansi phezu komfula uMsunduzi.

Lo mndeni ongowokudabuka e-Democratic Republic of Congo, kodwa usuneminyaka engaphezu kweshumiuhlala kuleli, uzongcwaba uRahma ngosikolwamaSulumane.

“Ngiyohlezi ngiyithanda indodakazi yami. Indlela eshonengayo kuvule inxeba elibuhlungu enhliziyweni yami,” kusho uZahara obesosizini etshela i-Scrolla.Africa.

“Nakuba ngizwa ubuhlungu, okungenani ngizobanelungelo lokuvalelisa okokugcina endodakazini yamiebiyigugu kimi.”

URahma ubefunda ibanga lesibili esikoleni samabangaaphansi e-Ashdown eMgungundlovu. Elandisa ngosukulwesigameko, uZahara uthe indodakazi yakhe iminzengesikhathi owesilisa ecele ukumsiza ukuba athwaleindodakazi yakhe bawele umfula. Uthe ezama ukunikezalo wesilisa indodakazi yakhe uRahma washelelaezandleni zakhe wangena emfuleni.

Ikhansela le-ward uDumisani Phungula uthe ukhululekilengokutholakala kwesidumbu sikaRahma.

“Ngiyajabula ukuthi sigcine sisitholile isidumbu sakhengemuva kokusithungatha izinsuku ezingaphezukweziyisikhombisa. Siyethemba ukuthi lokhu kuzoletha ukuthula emndenini wakhe,” kusho uPhungula.

Esithombeni esingenhla: URahma Rashide otholwengeSonto ngemuva kokuminza ngoLwesihlanu olwedlule

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva