Sifuna ukubuyela enkundleni isihlabani segalofu

Dylan Bettencourt

Ngemuva kwezinyanga ezingu-14 uTiger Woods elimale kanzima engozini yemoto usenomuzwa wokuthi angawina uhlelo lwe-86th Masters.

“Uma ngizwa sengathi ngisengakwazi ukunqoba, ngizodlala,” kusho uWoods etshela izintatheli ngemuva kokuzilolonga e-Augusta National Golf Course ngoLwesibili.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi unomuzwa wokuthi angawina yini, uWoods uphendule wathi:ngizophumelela. 

NgoNhlolanja nyakenye uWoods wahluleka ukulawula imoto yakhe, okwenza imoto yagingqika izikhathi eziningi lokho kwamenza wangena esibhedlela izinyanga ezimbalwa.

Lo mdlali oneminyaka engu-46 ubudala  ubekezelele amahora amaningi ehlinzwa ukulungisa umonakalo emlenzeni ongezansi kwesokudla kanye neqakala.

Lo mdlali osewine amahlandla angu-15 kwi-Major uthe ngeke angenele inkundla yegalofu i-Augusta uma ebona sengathi angeke awine.

“Uma ngizwa ukuthi ngeke ngikwazi ukuwina, angeke ningibone enkundleni. Nina ningazi kangcono kunalokho. Angiveli emcimbini ngaphandle uma ngicabanga ukuthi ngingawuwina. Ileso simo sengqondo engibe naso,” kusho lo mdlali.

Indlela eya ekululameni yayingelula njengoba uWoods ayecabanga ukuthi kuzoba njalo. Wayengakwazi ukunyakaza izinyanga ezimbalwa futhi wayehamba ngesihlalo esinamasondo ngemuva kwengozi.

Lo mpetha wegalofu uthi ukulungisa isimo kwakunzima kakhulu empilweni yakhe futhi inhloso yakhe bekuwukulangazelela ukudlala.

“Ngibona sengathi ngisengakwenza. Ngisenazo izandla zokwenza umzimba wami uhamba kahle. Ngike ngabhekana nezimo ezimbi kakhulu ezingaba inkinga kulo mqhudelwano,” kusho lo mdlali wegalofu.

“Angikaze ngibe sesimeni esifana nalesi. Lokhu kuzohluka,” kuchaza lo mdlali.

I-Masters, uWoods ayiwine izikhathi ezinhlanu, iyaqhubeka ngoLwesine futhi izoba ngumqhudelwano wokuqala wegalofu omkhulu kulo nyaka.

Kuzobe kuqhudelana abantu baseNingizimu Afrika abahlanu okuhlanganisa noGarrick Higgo ozobe eqala ukubonakala kulo mqhudelwano

Umthombo wesithombe: @SportsIllustrated

Scrolla World Cup Quiz