‘Sifuna ukuba wusizo emindenini elahlekelwe’ – Ramaphosa

Lubhalwe ngu-Esther de Villiers

Izinkumbi zabantu zibuthene ekhoneni lika-York no-Victoria Street e-George kusukela ekuseni zifuna ukubona uMengameli uCyril Ramaphosa.  Labo abebelinde elangeni elishisayo nothuli bagcine bembonile umengameli ofike ngemva nje kwehora lokuqala emini.

Ngesikhathi uRamaphosa efika, ephelezelwa yizicukuthwane ezifana noNdunankulu wase-Western Cape u-Alan Winde; uNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya, ezeMvelo nokuHlelwa kweNtuthuko u-Anton Bredell, kanye nemeya yesifunda sase-Garden Route uMemory Booysen, baye ngqo lapho okubhidlike khona ibhilidi. 

Izibalo zamanje zabahlengiwe, abaluleme, abalaliswe esibhedlela nabashonile zisakhomba ukuthi abantu abangu-19 okuvele ukuthi bebesebenza ebhilidini ngesikhathi libhidlika namanje “abaziwa” ukuthi bakuphi.

Kodwa uma kubhekwa isimo sokumbiwa kanye nokuthi imfucumfucu ibuthwa amaloli kulesi sakhiwo ebesiyizitezi ezinhlanu esibhidlikile ezinsukwini eziyishumi ezedlule, kubonakala kungenakwenzeka ukuthi kungatholakala ezinye izinsalela noma izidumbu zabantu.

Umsunguli wenkundla yezokuxhumana i-SA Independent nongusonkontileka webhilidi lase-Mossel Bay, uYolan Stander, uthe amahlebezi athi labo abangatholakali bakwazile ukubaleka ngesikhathi kuvela izimpawu zokuqala zokubidilika. 

“Okushiwo embonini ukuthi abasebenzi base-Victoria 75 bebeholelwa u-R80 ngosuku – obekungenzeka ukuthi usonkontileka ubekwenza lokho ngoba kungabantu bokufika kuleli ngokungemthetho. Laba okuthiwa ‘abatholakali’ cishe ngeke baphinde babonakale, njengoba bezoboshelwa khona lapho,” kusho uStander.

Ngemva kokuba umengameli esebonge abasebenzi bezimo eziphuthumayo kanye nabeseka endaweni yengozi, kwethulwe inkulumo emfushane ehholo lomphakathi, lapho iningi lamalungu ezithameli belihlanganisa umndeni nabangani babagilwa.

URamaphosa uncome ukubambisana kwazo zonke izinhlaka zikahulumeni wasekhaya nokazwelonke, echaza ngomsebenzi omkhulu wokusindisa abaphilayo, ukuthola imizimba yabangasekho, nokubuyisela amathambo abo emazweni angomakhelwane, ngosizo lwezikhulu ze-Southern African Development Community, okubalwa kuzo i-Malawi, i-Mozambique, i-Zimbabwe kanye ne-Lesotho.

Uthembise ukuqhubeka kukahulumeni ukweseka ngokwenhlalo-nangokwenhlalakahle kanye nesinxephezelo kwabasindile kanye nezihlobo zabashonile.

“Sifuna ukuba wusizo ekwelapheni usizi lwabo,” esho.

Uphinde wazibophezela ekuqondiseni izigwegwe zalabo abadale le nhlekelele – noma ngabe kuthatha isikhathi eside kangakanani. “Konke kuzophenywa ngendlela efanele, futhi ngiyathembisa ukuthi konke kuzokwenziwa obala. Kodwa ngicela ningibekezelele ngalolu daba.”

Okulindelekile manje ukuthi njengoba uRamaphosa esefikile imisebenzi yokulungisa le ndawo izosongwa zingakapheli izinsuku eziningi.

Uphenyo ngembangela yenhlekelele kanye nokuthola ukuthi bakuphi abantu abangabaliwe ngokuqinisekile kuzothatha izinyanga noma iminyaka.

Esithombeni ngenhla: UMengameli uRamaphosa uhlangane nabanye balabo abathintekayo endaweni yenhlekelele yebhilidi lase-George.

Umthombo: Umasipala Wesifunda sase-Garden Route

Izihloko zakamuva