Sichithiwe esikaMagudumana sokuthi waboshwa ngokungemthetho

Isicelo esiphuthumayo sikaDkt Nandipha Magudumana sokuthi amemezele ukuboshwa nokubuyiswa kwakhe kuleli evela e-Tanzania njengokungekho emthethweni asiphumelelanga.

Isinqumo sikhishwe ngoMsombuluko ekuseni eNkantolo eNkulu yase-Free State, e-Bloemfontein.

UMagudumana ubenethemba lokuthi uzophuma esitokisini emva kokuphosela inselelo ukuboshwa kanye nokulethwa kwakhe kuleli.

Njengamanje uvalelwe ejele lase-Kroonstad e-Free State.

UMagudumana uboshwe e-Arusha, e-Tanzania ngoMbasa kanye nesithandwa sakhe uThabo Bester owalahlwa icala lokubulala ophinde abe umdlwenguli.

IJaji uPhilip Loubser umemezele isinqumo senkantolo wathi “ngenza isinqumo esilandelayo. Isicelo sichithwa nezindleko okuhlanganisa nezindleko zabammeli ababili abaqashwe ngokwehlukana ummangalelwa wokuqala, owesithathu kanye nowesithupha.”

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UNandipha Magudumana

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva