Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sekuqubuke umsindo mayelana nabaholi be-IFP ababonakale begqoke izikibha zikanokusho ezibizayo.
Izithombe zabaholi ezibonakale ezinkundleni zokuxhumana bebukisa ngalezi zingubo ezibizayo emcimbini wamahhashi esifundeni iKing Cetshwayo, e-Richards Bay sezidale ukwehlukana kwemibono.
Ukugxekwa kubhekiswe kubaholi ngokubonakala begqoke izingubo zikanokusho kunokubeka phambili izidingo ezibalulekile zabampofu.
Izikibha zohlobo lomkhiqizo AmaXhosa kubikwa ukuthi zibiza u-R9,000.
Phakathi kwabaholi be-IFP ababonakale begqoke lezi zikibha kubalwa uThami Ntuli usihlalo we-IFP eKZN; uSanele Zondo usihlalo we-IFP Youth Brigade National; uMlungisi Mabaso uNobhala-Jikelele we-IFP Youth Brigade; noSobholenyoni Myeza Imeya yasenkosi Langalibalele Local Municipality.
UZondo usivikele isinqumo sabaholi.
“Asizange sisebenzise imali otshwaleni obubizayo njengoba kwenza abanye. Siyaziqhenya ngokweseka imikhiqizo yakuleli efana nomkhiqizo wamaXhosa ngoba idala amathuba omsebenzi kubantu bakithi kuleli,” esho.
Sifuna izitolo zomkhiqizo wamaXhosa zigcwale kuzo zonke izinxanxathela zezitolo.
Ukuvezwa kwezinto ezibizayo, okuhlanganisa izingubo zokugqoka, izimoto, notshwala, sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba kosopolitiki abaningi okubangela intukuthelo ekhulayo phakathi kwezakhamuzi ezithile.
Kube nezinsolo eziqhubekayo zokuthi osopolitiki babeka phambili ukunethezeka kwabo ngaphezu kokubhekana nobubha abalandeli babo ababhekana nabo.
Ephendula uZwakele Mncwango, umholi we-ActionSA eKZN uvikele abaholi be-IFP wathi lokhu ukugxekwa komona. “Sibona abaholi be-ANC nsuku zonke bechitha izinkulungwane zamarandi ezinkampanini zamazwe ngamazwe ezihlanganisa namawashi,” kusho uMncwango enkundleni yezokuxhumana.
“Angisiboni isidingo sokukhonondela lento. UR9,000 awuyilutho uma uqhathaniswa namawashi abiza u-R300,000 agqokwa ngabaholi be-ANC.”
Esithombeni esingenhla: Abaholi be-IFP uSobholenyoni Myeza, uMlungisi Mabaso, uThami Ntuli noSanele Zondo nezikibha zabo zomkhiqizo wamaXhosa
Umthombo wesithombe: Facebook