Sibhidlikile isivumelwano sokumiswa kwezikhali eSudan

Isivumelwano sokumiswa kwezikhali amahora angu-72 okuvunyelenwe ngaso izinhlangothi ezilwayo e-Sudan sibhidlike ngokuphelele njengoba ukuhlasela kwezindiza kucekele phansi idolobha lase-Omdurman ngeSonto.

Abebebukele enhlokodolobha yase-Sudan, i-Khartoum bathe bazwe ukuqhuma edolobheni labo eliseduze usuku lonke.

Izakhamizi zakule nhlokodolobha aziphephile neze. Izithombe ezivele ngeSonto ngezebhange lezwe lesakhiwo sesimanjemanje livutha umlilo.

Ithemba elincane lokuthi ingxabano phakathi kwamasosha ase-Sudan kanye ne-Rapid Support Forces (RSF) ingase iphele maduze  libonakala liyinto engenakwenzeka.

Manje izingqapheli zamazwe ngamazwe zikholelwa ekutheni izwe lesithathu ngobukhulu e-Afrika libhekene nengxabano engapheli ngemuva kokuqubuka kwempi ekuqaleni kwale nyanga.

Umphumela wempi ende kungaba inhlekelele. Ngaphambi kokuthi kuqubuke impi ingxenye yesithathu yabantu bezwe abangu-45 million bebethembele osizweni lokusiza abantu. Lelo nani libukeka lizokhula futhi lokhu kuvula indlela yendlala esabalele nokufuduka kwabantu abaningi.

Izakhamizi zakuleli zibuyele emakhaya.

NgeSonto abantu bakuleli abangu-51 bakhishwe e-Sudan futhi bafike bephephile emakhaya.

Bonke abantu bakuleli okuhlanganisa nenxusa lase-Sudan babuyiselwe kuleli ngokuphepha.

UNgqongqoshe wezobudlelwano bamazwe ngamazwe nokubambisana uNaledi Pandor uhole ithimba loNgqongqoshe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ukuyobingelela abafikayo kuleli.

“Sifuna elakuleli liqiniseke ngoba sonke besilinde ukuthi nibuye futhi sijabule kakhulu ngokuthi nikwazile ukubuyela ekhaya niphephile,” kusho uNgqongqoshe uPandor etshela izintatheli.

Luhlanganiswe ngu-Arthur Greene

Esithombeni esingenhla: Isivumelwano sokumisa izikhali samahora angu-72 okwavunyelwana ngaso ngesonto eledlule e-Sudan sibhidlikile

Umthombo wesithombe: @SudanTribune_EN

Izihloko zakamuva