Sibhekwe ngabomvu esenkantolo ngesihlalo seSilo samaZulu

Celani Sikhakhane

INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu namhlannje izokhipha isinqumo mayelana nokuba semthethweni kwencwadi yefa yeSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu.

UNdunankulu weNgonyama uMntwana uMangosuthu Buthelezi uthe vele iSilo sisesihlalweni sobukhosi futhi balindele ukugcinwa kwemithetho ukuze sibekwe ngokusemthethweni.

Uthe noma ngabe lesi sinqumo sivuna labo abazibiza ngamavukelambuso asebukhosini noma cha, lokho angeke kuphazamise isikhundla sikaMisuzulu njengeSilo samaZulu.

“Icala eliphambi kwenkantolo alinawo umthelela odabeni lokuthatha izintambo zobukhosi,” kusho uButhelezi esitatimendeni.

Samsung Galaxy 14G

“Likhuluma kuphela ngokuhlukaniswa kwamafa eSilo esakhothama kanye nokusayina kweSilo. Ukwahlulela ngalezi zindaba ngeke kuyiphazamise indaba yokuthi ngubani iSilo.

Inkosikazi yokuqala yeSilo uZwelithini, uNdlunkulu uSibongile MaDlamini wesigodlo sakwaKhethomthandayo, wafaka amaphepha enkantolo ngonyaka odlule ephikisana nomshado wamakhosikazi amahlanu eSilo uZwelithini. Uphinde wafuna ukuthi inkantolo imemezele umshado wakhe neSilo esakhothama njengokuphela komshado okumele uhlonishwe umthethosisekelo wezwe.

Izingane zakhe uNkosazana Ntandoyenkosi noNtombizosuthu nabo bayiphonsele inselelo isiginesha esencwadini yefa abathi iyimbombayi.

UButhelezi uphinde agcizelele ukuthi isikhundla seNkosi uMisuzulu njengeSilo samaZulu asibangwa nokuthi vele usesihlalweni sobukhosi wenza umsebenzi wakhe.

Ngesonto eledlule iSilo uMisuzulu umise Inkulumo yeSifundazwe ngesikhathi efika.

Abaholi bamaqembu epolitiki okubalwa kuwo i-EFF, i-DA, i-NFP ne-IFP kanye namalungu e-ANC esiShayamthetho basukume bama ngezinyawo ngesikhathi iNkosi uMisuzulu engena.

Lesi sinqumo sizocacisa ukuthi ngabe isemthethweni yini incwadi yeSilo esakhothama eyaqoka iNdlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu ongasekho wakwaKhethomthandayo njengebamba leNkosi.

Scrolla World Cup Quiz