Michael Madyira
IBafana Bafana iqede umsebenzi wesizwe ngoLwesibili ngokuwina omunye umdlalo wobungani wamazwe ngamazwe.
Iguqise i-Botswana ngegoli elilodwa eqandeni enkundleni yase-FNB ezinsukwini ezintathu iqumbe phansi i-Sierra Leone ngamagoli amane eqandeni kuyona le nkundla.
Ngesikhathi semidlalo yobungani yakamuva, abadlali abayisikhombisa badlale okokuqala eqenjini labo lesizwe.
Sibheka indlela abadlale ngayo ukuze siqagele ukuthi banalo yini ikusasa neBafana noma lokhu kuzoba okokugcina.
1.UMihlali Mayambela
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ugcine ebizwa eqenjini lesizwe ngemuva kweminyaka eyisithupha edlala e-Europe. Ushaye igoli lesibili leBafana ngesikhathu ibhekene ne-Sierra Leone. Lo mdlali odabuka eKapa kumfanele ngempela ukubuya uma iqembu lesizwe lizihlanganisa kabusha.
2. ULuke le Roux
Lo umdlali oqale ku-Leone Stars. Lo mdlali wasesiswini wase-Varberg uwine ama- duels enkabeni yepaki waphinde wadlala kahle ngesikhathi ephuma ngomzuzu ka-64 bedlala ne-Botswana. Kuzomangaza uma engabizwa ekhempini elandelayo.
3. USibongiseni Mthethwa
Lo mdlali wasesiswini we-Stellenbosch uqale umdlalo wesibili wobungani wakhishwa sekusele imizuzu eyisikhombisa ukuthi kuphele umdlalo. UMthethwa uzofuna ukuqhubeka nokuba ngumdlali omkhulu ku-Stellies ukuze adonse iso likaBroos.
4. UPule Mmodi
UMmodi ungumdlali we-Golden Arrows wenze okwanele ukubonisa uBroos ukuthi kumfanele ukubizwa esikhathini esizayo.
5. UMelusi Buthelezi
Lo nozinti we-TS Galaxy udlale imizuzu engu-11 nje kuphela emdlalweni wokuqala wobungani ngemuva kokuthi ukaputeni uRonwen Williams ecele ukuthi akhishwe ukuze avule ithuba lomdlali oneminyaka engu-24 ubudala. Uvimbe kahle. Uma uButhelezi eqhubeka nokwenza kahle ezingeni leqembu usenalo ithuba lokubuyela eqenjini lesizwe.
6. UKhanyisa Mayo
Yize uMayo engazange adlale kahle ngesikhathi ebhekene ne-Botswana, kodwa ukwenza ngcono izinga lakhe ne-Cape Town City kungase kwenze kube nzima kuBroos ukuthi angamnaki ngokuzayo.
7. U-Ashley du Preez
Ukubizwa kwakhe kudale ukuhlukana phakathi njengoba ezabalazela ukuthola ifomu eqenjini lakhe. Wenze iphutha elikhulu elingamlahlekisela ithuba eqenjini ngesikhathi egeja igoli esebhekene nomuntu oyedwa.