Seziqalile ukubonakala izithelo zokufika kukaMotsepe kwi-CAF

Menzi Magubane

Umthelela kaPatrice Motsepe njengoMengameli we-Confederation of African Football (i-CAF) usuqalile ukuthela izithelo.

Lowo owayenguMengameli we-Mamelodi Sundowns wenze isiqiniseko sokuthi i-African Cup of Nations (i-Afcon) yangonyaka ka-2021 iqhubeka njengoba ayehlelile phezu kwezingqinamba eziningi abahlangabezane nazo.

Ngenkathi i-Cameroon ezosingatha i-Afcon isalela emuva kumalungiselelo abo ngenxa ye-Covid-19 nezinkinga zenkontileka, banikezwa omunye unyaka ukuze bakwazi ukusingatha lemidlalo ngempumelelo.

I-Afcon yahlehliselwa unyaka ka-2022, kodwa i-Cameroon ibisalokhu isalela emuva. Kube sekuqala izinkulumo ezithi i-CAF ingase ifune elinye izwe elizosingatha lo mdlalo wase-Afrika.

Nokho uMotsepe, othathe izintambo ku-Ahmad Ahmed wase-Madagascar ngoNdasa ngonyaka odlule, ukwazile ukuma ne-Cameroon kanti namuhla lelizwe sekuyikhaya le-Afrika njengoba belwela ukuqokwa njengompetha bezwekazi.

“Ngifuna i-Cameroon ikhombise umhlaba ukuthi i-Afrika ingawusingatha umqhudelwano oyimpumelelo,” kusho uMotsepe.

Emhlanganweni obungoLwesihlanu, uMotsepe uphinde wamemezela ukuthi abadle umhlanganiso kulo mqhudelwano sebezohlomula u-R75 million, okusho ukuthi uyinyuse ngo-R750 000. Khonamanjalo, abaphume isibili bazogoduka no-R41.3 million nayo uyinyuse ngo-R3.8 million.

Uphinde wamemezela ukuthi lo mqhudelwano uzobuyela esikhathini sawo sokuqala sikaNhlangulana noNtulikazi ngisho nakumqhudelwano ozayo. Lokhu akungabazeki ukuthi kuzovuna amaqembu ase-Europe azobhekana ne-Afcon edlalwe maphakathi nesizini. Kunabadlali abakade benqatshelwe amaqembu abo ukuthi bahlangane nozakwabo.

Kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi amaqembu ase-Afrika nawo azohlomula ohlelweni olusha.

Njengamanje ayikho iligi yase-Afrika esaqhubeka kanti ngohlelo olusha kuzovalwa wonke amaligi ezwenikazi nakwamanye amazwe.

Imidlalo elandelayo ye-Afcon izoba  se-Ivory Coast ngonyaka ozayo. IBafana Bafana izobe inethemba lokuba phakathi kwamaqembu azobe ebambe iqhaza kulo mqhudelwano ka-2023 ngemuva kokuphuthwa ilomqhudelwano.

Umthombo wesithombe: @CafOnline

Izihloko zakamuva