Sezihlukene izithandani ebezidumile phesheya

Sizwe Sibiya

Kubikwa ukuthi uKim Kardashian oneminyaka engu-41 usehlukene noPete Davidson oneminyaka engu-28 njengoba engakwazi ukumelana nempilo yakhe yobukhazikhazi. 

“UPete uyachoma futhi uyaxhamazela uhlezi efuna ukuthi andizele e-New York noma ngabe ikuphi lapho ekhona,” kusho umthombo utshela i-Page Six.

“UKim unezingane ezine ngakho akulula ukuthi aphile le mpilo. Kumele agxile ezinganeni,” kuqhuba umthombo esho isizathu sokuhlukana kwezihlabani zase-Hollywood.

Laba bobabili bahlangana ngoMfumdu nyakenye esitudiyo se-NBC ngesikhathi uPete eyingxenye ye-ensemble ku-Saturday Night Live amasizini ayisishiyagalombili okuyilapho uKim ebonakala njengomlingisi oyisivakashi kwi-Aladdin.

“Ngesikhathi siqabulana kwakungekho lutho ngoba kwakufana nokuqabulana kumdlalo wasesiteji, kodwa ngangilokhu ngikucabanga lokhu,” kusho uKim ngemuva kokuqabula uPete kukhaphethi we-Aladdin, kubika i-Page Six ngoLwesihlanu.

Ubudlelwano babo baqala ngemuva kokuthi uKim efake isicelo sesehlukaniso emshadweni wakhe ngomhlaka-19 kuNhlolanja nesihlabani se-hip-hop uKanye West.

Isehlukaniso sisaqhubeka uKanye wenqaba ukudedela  umama wezingane zakhe ezine, uNorth, uSaint, uChicago, noPsalm oneminyaka emithathu kuphela ubudala.

Isithombe sokugcina uKim benoPete bendawonye bekuyisithombe abazishuthe bona bebukeka bejabulile befake nolimi lwe-emoji njengencazelo yalamagama abawabhalile. 

Phakathi naleso sikhathi uKim ubelokhu esekela uhlobo lwezingubo zikaKanye i-Yeezy kwi-akhawunti yakhe ye-Instagram ngesithombe sezingane zigqoke izibuko ze-Yeezy. 

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva