Linda Ximba
Isiqophamalando ngempilo yomsunguli we-Ladysmith Black Mambazo uJoseph Shabalala osekunesikhathi silindiwe sesikulungele ukukhonjiswa kumabonakude.
I-Music is My life ingenye yeziqophamalando ezizokhonjiswa okokuqala kwi-Encounters South African International Documentary Festivals ezoba eGoli naseKapa.
U-Albert Mazibuko, oyilungu elisaphila laleli qembu lesicathamiya, ubenemizwa ehlukene ngesikhathi i-Scrolla.Africa sikhuluma naye.
UMazibuko, uthe uMshengu, okuyigama umholi waleli qembu abedume ngalo, ubefuna ukubona le-documentary ngaphambi kokuthi ashone. Lesi isiqophamalando sithathe iminyaka emine ukuthi siqedwe.
“Kodwa wadlula emhlabeni ngo-2020. Nakuba ngijabule ngokuthi izogcina iphumile, ngiphatheke kabi ukuthi akasekho ukuze ayibuke,” kusho uMazibuko.
“Nami ngifake isandla kule documentary ngoba uMshengu ngamazi kusukela ekuqaleni kwango-1960 ngesikhathi sisuka eMnambithi sibhekise amabombo eThekwini naseGoli ukuyozama impilo engcono. Labo abazobe bebukele le documentary
bazobona olunye uhlangothi lukaMshengu futhi ngiyethemba ukuthi bazolujabulela,” kusho uMazibuko.
Ngokusho kukaMazibuko, abazobonakala kule documentary nguPaul Simon noDolly Parton, bobabili abenze izingoma ezishisa izikhotha neBlack Mambazo. Izihlabani zaseMelika ezifana no-Oprah Winfrey, uWhoopi Goldberg noSipho Sithole wakuleli nabo bachithe isikhathi esiningi noMshengu.
I-Music is My life ikhethwe ne-Whispering Truth to Power, incwadi ekhuluma ngowayenguMvikeli woMphakathi uSolwazi uThuli Madonsela phakathi kwabanye kanti izokhonjiswa kumabonakude kusukela ngomhlaka-23 kuNhlangulana kuya kumhla zintathu kuNtulikazi.