Dylan Bettencourt
Ngemuva kwezinyanga ezintathu zokungaqiniseki kwi-Chelsea, ukudayiswa kweqembu lebhola kwi-Todd Boehly consortium kuzophothulwa kuleli sonto.
URoman Abramovich, usomabhizinisi onobudlelwano noMengameli wase-Russia uVladimir Putin, waxoshwa ngamazwe amaningana kulandela ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja.
Phakathi kwamazwe axoshe lesi sikhulu sikawoyela esicebile yi-UK, lapho ayengumnikazi we-Chelsea.
Kodwa-ke, bekungeke kube lula ukulidayisa njengoba uhulumeni waseNgilandi ebefuna ukuqinisekisa ukuthi u-Abramovich angeke azuze ekuthengisweni.
Lesi sinqumo senze ukuthi ukuthengiswa kweqembu kubambezeleke izikhathi eziningana, kuze kwacishe kwangaphumelela ngoba u-Abramovich ubehluleka ukuvumelana nendlela isivumelwano esihlelwe ngayo.
Kodwa manje, ngemuva kokuvumelana ngesivumelwano ne-Todd Boehly Consortium emasontweni ambalwa edlule, uhulumeni uzosivumela lesi sivumelwano kuleli sonto.
Lokhu kuzoba yizindaba ezimnandi kubalandeli be-Chelsea obekumele babone iqembu labo lisebenza ngaphansi kwemikhawulo kusukela ngoNhlolanja.
I-Chelsea ibisebenza ngelayisensi ekhethekile kodwa ayizange ikwazi ukuthengisa noma yimaphi amathikithi osuku lwemidlalo, izinto ezithengiswayo ngisho nokudla enkundleni yezemidlalo yase-Stamford Bridge njengoba uhulumeni enze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iqembu alenzi nzuzo engase izuzise u-Abramovich.
Iqembu alikwazanga nokuvuselela izinkontileka zabadlali kanjalo nokuthenga kanye nokudayisa abadlali.
Kodwa-ke, njengoba isizini isizophela futhi newindi lokudayiselana ngabadlali lizovulwa ngoNhlangulana, isivumelwano sokudayiswa kweqembu sizoqeda leyo mikhawulo.
Ngemuva kwezinyanga zokungaqiniseki, ekugcineni i-Chelsea izokwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile futhi ishiye izinsuku ezimnyama ngemuva.
I-Chelsea iqede umkhankaso wayo ngokuwina ekhaya ngo 2-1 ihlula i-Watford ngeSonto.
Umthombo wesithombe: @FourFourTwo