Sesithuthelwe ekhaya isidumbu somdlali oshone kwesokuzamazama komhlaba 

Isidumbu sikaChristian Atsu sibuyiselwe e-Ghana ngemuva kokutholakala eshonile kulandela ukuzamazama komhlaba okuhlasele e-Syria nase-Turkey ekuqaleni kwale nyanga.

U-Atsu uhlonzwe njengoshonile ngoMgqibelo ekuseni e-Turkey ngemuva kokuduka mhla ziyisithupha kuNhlolanja – usuku okwagadla ngalo ukuzamazama komhlaba okungu-7.8 magnitude.

Indiza ebithwele isidumbu salowo owayengumdlali we-Chelsea ifike e-Accra ngeSonto ebusuku.

IPhini likaMengameli wase-Ghana, uMahamudu Bawumia uhloniphe u-Atsu.

“Besinethemba nsuku zonke futhi sithandaza. Kodwa-ke, ngesikhathi etholakala ubeseshonile,” esho kwabezindaba.

“Kubuhlungu ukulahlekelwa. Kubuhlungu kakhulu.”

UBawumia wengeze ngokuthi u-Atsu uzothola umngcwabo “omfanele.”

Isidumbu sakhe sithathwe ngamasosha ase-Ghana.

Lo mdlali (31) udlalele i-Ghana imidlalo engu-65 okuhlanganisa nokufinyelela kowamanqamu e-Africa Cup of Nations ngo-2015.

Unkosikazi ka-Atsu nezingane zabo ezintathu bavele ngesikhathi kunomzuzu wokuthula ngaphambi komdlalo we-Newcastle United ne-Liverpool ngoMgqibelo.

U-Atsu wadlalela i-Newcastle kusukela ngo-2016 kuya ku-2021.

NgeSonto ukaputeni we-Ghana, uMohammed Kudus uveze ihembe elibhalwe ukuthi “RIP Atsu” ngemuva kokushayelela i-Ajax Amsterdam igoli ngeSonto.

U-Atsu ubeyinxusa lenhlangano esiza abantulayo i-Arms Around The Child, kanti le nhlangano ithe lo mdlali webhola ubengumsizi omkhulu wesikole e-Ghana eseseka izingane ezilahliwe, izintandane kanye nezingane ezinokugula okungalapheki.

“U-Atsu wayengumfana omncane ophuma endaweni empofu e-Ghana owalandela amaphupho akhe futhi wasebenzisa ithalente lakhe kanye nenkundla ukusiza abanye,” kusho le nhlangano esitatimendeni.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Isidumbu sikaChristian Atsu siphethwe amasosha

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva