Sesiqala ukuphuma kujantshi isitimela seDowns 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena ukhathazekile ngezingqinamba iqembu lakhe elibhekane nazo emidlalweni yakamuva.

ISundowns ihlulekile ukunqoba imidlalo yayo emithathu kweyisithupha edlule kuyo yonke imiqhudelwano.

Ngemuva kokunqoba imidlalo engu-14 ilandelana kuyona yonke imiqhudelwano, iSundowns idlale ngokulingana (2-2) ne-Al Ahly koweCAF Champions League, ngaphambi kokuba idlale ngokulingana neStellenbosch (1-1) ku-Premier Soccer League.

Ngemuva kwalokho baphinde badlala ngokulingana ne-Al Hilal (1-1) ngoMgqibelo.

Eqenjini elaziwayo ngokuhlula wonke amaqembu abahlangana nawo futhi eselizakhele udumo kwi-PSL nasezwenikazi e-Afrika, ukunganqobi emidlalweni emithathu phakathi nenyanga kuletha ukukhathazeka okukhulu kulezi zinkunzi zase-Tshwane.

Kodwa uMokwena ubengakhathazekile ngokulahleka kwamaphuzu kwakamuva bebhekene ne-Al Hilal, kodwa wavuma ukuthi isimo besinzima e-Sudan.

“Uma umdlalo unzima sithatha iphuzu sibuyela ekhaya,” kusho uMokwena.

“Besingawunqoba lo mdlalo, kodwa okubuhlungu asizange siwunqobe. Kufanele siphinde futhi sizame ukuthuthukisa nokwenza iqembu libe ngcono.

“Siyalibongela iqembu ngokuqeda kuqala. Ngicabanga ukuthi ngokwezibalo sesiqede phezulu kweqembu, ngakho-ke ilokhu okuhle esingakuthatha kulo.”

Yize bedlulele e-Sudan ngemuva kokushaya amagoli ayishumi emidlalweni emibili, okokuqala ngokuhlula i-Al Ahly ngamagoli amahlanu kwamabili kwalandela ukuhlula iRoyal AM ngamagoli amahlanu kwelilodwa, kodwa imidlalo yakamuva iyona ebakhathazayo.

Lokhu kuveza igebe elingase lisetshenziswe izimbangi zabo njengoba iSundowns ibheke kowamanqamu we-Champions League.

ISundowns ibibukeka ixakekile kuma-quarterfinal e-Champions League ngemuva kokuphuma kulo mqhudelwano kumasizini amathathu edlule.

Ukwehliswa kwamaphuzu kungaba yithuba kuMokwena lokuqeqesha iqembu kakhudlwana ngaphambi kwesigaba esinzima kakhulu somqhudelwano wamaqembu asezingeni eliphezulu kuleli zwekazi.

Isithombe esingenhla: UKhuliso Mudau eshaya igoli bebhekene ne-Al Hilal

Umthombo wesithombe: IMamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva