Sesingene kwelinye igxathu esasemayini

Celani Sikhakhane

Ukuxoshwa kwabavukuzi bamalahle emayini yasoKhukho abakade betelekile sekudale udweshu edolobheni laKwaNongoma KwaZulu-Natal.

Kudutshulwe ibhasi lezimayini elithutha abasebenzi ngoLwesibili nokushiye abasebenzi besabela izimpilo zabo.

Kuthiwa lesi sigameko senziwe ngabasebenzi abatelekile abaxoshwa emayini i-Zululand Anthracite Colliery (ZAC) ngokuba nesandla esitelekeni esingekho emthethweni ngoMbasa. 

Ibhasi lidutshulwe amahlandla amaningi ngesibhamu kwaphuka namafasitela. 

I-Scrolla.Africa ikhulume nabavukuzi abathe isimo sizoba sibi kakhulu ngoba akekho ofuna ukuhlala ekhaya ahlupheke.

Okhulumela amaphoyisa e-KZN uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe akekho olimele ngesikhathi kudutshulwana.

“Kuvulwe icala lokulimaza impahla kwaNongoma ngoLwesibili kanti amaphoyisa ayaluphenya lolu daba,” kusho uNgcobo.

NgoMsombuluko kukhangiswe izikhala ezibalelwa ku-17 kule mayini. Usuku lokuvala lokufaka izicelo lungoLwesihlanu ngomhlaka-24 kuNhlangulana.

Umphathi we-ZAC uWayne Rowe esitatimendeni uthe imisebenzi ethile isichithiwe. Lokhu kufaka i-operator, i-feeder breaker ne-LVD operator.

Uthe bonke abasebenzi abaxoshiwe bazonikezwa ithuba lokuthi bafake izicelo kabusha, kodwa labo abanamarekhodi obugebengu nezinkinga zezempilo ngeke bacatshangelwe ukuthola lo msebenzi.

“Kumele sikuveze manje ukuthi abasebenzi baxoshiwe futhi i-ZAC ayinaso isibopho sokuxoxisana nabo, kodwa izame ngobuqotho ukwamukela abasebenzi abaxoshiwe ngokuxoxisana nabamele bona,” kusho uRowe esitatimendeni.

Amalungu omphakathi athi anovalo lokuthi kuzobulawa abantu abaningi. Lesi simo sesike senzeka ngaphambilini.

“Lena inkinga ezothatha izimpilo zabantu njengoba kwenzeka kudala ngesikhathi kubulawa abantu ngenxa yokufuna ukuqashwa emayini, kwabulawa ngisho no-HR officer ngoba esolwa ngokunika abantu bakwezinye izindawo imisebenzi,” kusho omunye umholi womphakathi ongathandanga kudalulwe ugama lakhe.

Ngenyanga edlule kudutshulwe oyi-belt operator ngoba esebenza abanye betelekile, kodwa wasinda.