Sesifinyelele kwabangu-45 isibalo sabantu abashona beyosoka

Zukile Majova

Sikhulu isililo emva kokubhubha  kwabafana abangu 45 ngesikhathi beyosoka e-Cape Cape muva nje.

Lesi sigamu sokusoka sakamuva esisuse umsindo sisongwe ngeledlule.

Inqwaba yabanye abafana abangeniswe ezibhedlela zesifundazwe beyothola ukwelashwa ngenxa yezizathu ezahlukene.

Izikole zokusoka ezingekho emthethweni, ukuhluleka ukulandela imigomo ye-Covid-19, izinhlungu esifubeni, ukuphefumula kanzima, ukuminza nokungagonywa kwabantu konke kube nomthelela ekutheni isibalo sabashonile sifinyelele kwabangu-45 ekupheleni kwesizini mhlaka-12 kuMasingana.

Iziphathimandla ezigade isimo esifundazweni sase-Eastern Cape zibike ukuthi umfana oshonile owenze isibalo sabangu-45 nguSiyabonga Siko obeneminyaka engu-18, oshone ngomhlaka-9 kuMasingana.

“Kubuhlungu ukubika ngokushona komfana ovela kumasipala wedolobha i-Buffalo kanye nowesibili oshonile wase-Mdantsane,” kusho isitatimende sikahulumeni wase-Eastern Cape.

“Okubuhlungu ngalesi sigameko esishaqisayo ukuthi sesifinyelele kwabangu-45 isibalo sabantu asebeshonile ababikiwe esifundazweni.”

Lo mfana wase-Kwetyana, endaweni yase-Nxaruni e-East London, uqale ngokunqaba ukudla kusukela ngesonto lesithathu besentabeni.

Kuphinde kwabikwa ukuthi ubelokhu ehlanza izikhathi eziningana.

“NgoMgqibelo ukhale ngobuhlungu esiswini. Okuthe ngeSonto, wacela ukuphuma ayozikhulula.

“Wabuya walala lungekho ushintsho ngesimo sakhe.  Bamthole eseshonile eduze komuntu obagadile  ozwana nomfowabo omdala ngesikhathi evakashele esikoleni sokusoka ekuseni,” ngokusho kwesitatimende.

Uhulumeni uthe isikole sokusoka asikho emthethweni ngoba abasokayo abakaze bahlolele i-Covid-19, futhi abakaze bathathe umjovo wokuzivikela we-Covid.

Ngesonto eledlule kube nomcimbi nokulilizela emagcekeni emndeni emningi ngemuva kokubuya entabeni kwalabo abakade beyosoka abayisithupha abamukelwe ngokuhlatshelwa izinkunzi ezimbili ezikhuluphele nezimvu eziyisithupha. Kulo mcimbi bekuphekwe ngendlela yesiZulu kukhona nomqombothi notshwala bamanje okwenze ukuthi umcimbi uphele ngemuva kwezinsuku ezintathu. 

Kodwa emakhaya amaningi kwezinye izifundazwe, omama bahlukumezekile njengoba bezama  ukungcwaba abafana babo,  nokuqonda ukuthi balahlekelwa kanjani izimpilo zabo nokuthi kungani.

Ukuxoxisana nabesifazane ngaleli siko lendabuko sithole ukuthi kwezinye izindawo zase-Mpumalanga Kapa lokhu akuvumelekile. 

Labo abashonile indaba yabo iyashesha ukudluliswa. Kuyivela kancane ukuthi kube khona oshushiswa ngokushona kwabantu abakade beyosoka.

Nakuba neqhubeka nokushona abafana entabeni kodwa isiko liyaqhubeka njengoba manje kulungiselelwa isigamu sokuya entabeni ebusika ngoNhlaba.

Izihloko zakamuva