Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Kuze kube manje bangu-26 abantu asebeshonile ngenxa yesifo sohudo kanti isiguli esisha sivela lapho okuqale khona leli gciwane e-Hammanskraal, e-Tshwane.
Kusukela ngoLwesihlanu ntambama, uMnyango wezeMpilo kazwelonke ukuqinisekisile ukuthi bangu-26 abantu asebeshonile selokhu kuqubuke lesi sifo emasontweni amabili edlule. Izifundazwe eziningi ezakhelene ne-Hammanskraal ziqopha lokhu kuthelelana kancane kanti iMpumalanga iqophe isibalo soyedwa oshonile okokuqala ngqa ngesonto eledlule.
I-Scrolla.Africa sibike ukuthi kutholakale isiguli sokuqala sesifo sohudo eMpumalanga ngoLwesine. Isiguli (73) saseMpumalanga singeniswe esibhedlela i-Mamatlake eduze kwase-Hammanskraal.
UMphathi wezokuxhumana eMnyangweni wezeMpilo uFoster Mohale uthe “uMnyango ulandela umkhondo ngokutholakele okungenzeka ukuthi ukuqubuka kwalesi sifo eMpumalanga kuhlobene ngqo nokuqubuka kwalesi sifo okuqale e-Hammanskraal.”
Uthe uMnyango uphenya ngezifo eziwela imingcele kanye nemikhondo njengoba bekucatshangwa ukuthi otheleleke okokuqala ubevela e-Malawi. Kukholakala ukuthi owokuqala othelelekile wase-Limpopo udabuka e-Zimbabwe njengoba i-Zimbabwe nayo ibhekene nenkinga yesifo sohudo.
UMnyango ucela bonke abantu bakuleli ukuthi bazijwayeze inhlanzeko nokuthi baqaphele izimpawu zokuqala ezihlanganisa uhudo, ukuhlanza kanye nezinhlungu esiswini. Abantu abanalezi zimpawu kufanele baye esikhungweni sezempilo esiseduze.
Ngesikhathi inyakatho yePitoli ilwela ukunqanda ukubheduka kwalesi sifo, izinhlangano ezisiza abantu zinikela ngamanzi njengendlela yokunqanda ukubhebhetheka kwesifo sohudo.
I-South African Female Bikers'’s forum ivakashele le ndawo ukuyonikela ngamanzi asemabhodleleni kanye namaphakethe enhlanzeko kubahlali kanti i-Old Mutual kanye ne-Red Cross banikele ngamalitha angu-100,000 amanzi kwizakhamizi.
UMnyango wezeMpilo awukawutholi umsuka omkhulu wokuqubuka kwalesi sifo.