Sasidlangile isihlava sokuhlukunyezwa  kwabesifazane ngesobhubhane 

Lubhalwe nguMusawenkosi Cabe

Udlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane lugqame kakhulu ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19 olwaphoqa izwe ukuthi liye kuthaqa. 

Ngesikhathi umhlaba uhlaselwa ubhubhane, amazwe amaningi athatha isinqumo sokubeka imithetho eqinile yokuhlala ezindlini ukuze avikele ukubhebhetheka kwaleli gciwane.

Kodwa-ke, le mithetho ibe nemiphumela engahlosiwe yokwanda kokuhlukunyezwa kwabesifazane namantombazane asemancane.

UJoyce Chuene (46) ongumdidiyeli wohlelo lwe-Standerton Victim Empowerment Centre, okuyinhlangano ezinze emphakathini waseMpumalanga uzibonele mathupha ukwanda kwezigameko zodlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane.

Inhlangano yakhe inikeza indawo yokukhosela ephuthumayo yamahora angu-24 kwabasinde kudlame olubhekiswe kwabesifazane futhi iyabasekela ukugqugquzela ekutheni bathole ubulungiswa.

I-Strategic Implementing Partner  Hlanganisa ingenye yezinhlangano zomphakathi ezingu-28 ezinenkontileka yokukhokha Isikhwama sokuqashwa komphakathi  ezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni kuleli.

IHlanganisa ihlanganyele ne-Standerton Victim Empowerment Centre ukuze baqashe futhi baqeqeshe abesifazane abangu-84 njengabasizi bezomthetho. Ama-Sisterhood Advocate bekungabesifazane abebengasebenzi ngaphambilini manje asebethola imadlana yenyanga ye-SEF ukuze bathole izinsiza abazihlinzekayo emiphakathini yabo, njengokweluleka nokweseka izisulu ze-GBV.

Sekukonke ngenxa ye-SEF, IHlanganisa isiqeqeshe amavolontiya angu-2,500 emiphakathini eyahlukene eyisebenzelayo ezweni lonke.

“Igama elithi Hlanganisa empeleni igama elisho ukuhlangana,” kuchaza uBongiwe Ndondo isikhulu esiphezulu  seHlanganisa.

Njengentsha eningi elingana naye uNompumelelo Thubakgale (28) ubengasebenzi iminyaka eminingi ngaphambi kuka-2021. Wayevolontiya e-Standerton Victim Empowerment Centre futhi ethembele kwisibonelelo sikahulumeni ukuze azondle yena nezingane zakhe ezimbili.

Kodwa-ke, ngokubambisana phakathi kohlelo iHlanganisa kanye ne-Sisterhood Advocates, uThubakgale waqashwa waqeqeshwa.

“Uma uklonyeliswa uthola ugqozi lokwenza umsebenzi wakho ngesasasa nothando,” kusho uThubakgale.

Kwabaningi abasinde ku-GBV ukuthola ubulungiswa kusalokhu kuyiphupho elinzima kubo. Izikhulu zezomthetho zomphakathi, izishoshovu, kanye namaqembu bonke bavumelana ngokuthi ukuthola ubulungiswa kuyingxenye yezinkinga

“Amacala amaningi awabikwa futhi amanye amaningi ayahoxiswa. Abantu besifazane abaningi bakuthola kubafakela ingcindezi ukugqigqa eziNkantolo,” kuchaza uNondo.

Osesithombeni esingenhla: UJoyce Chuene

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva