Farida Joyce
Umculi we-RnB waseMelika u-Angie Stone useqinisekisiwe njengomunye wabaculi abazocula ku-DStv Delicious International Food & Music Festival.
Lo mculi owaziwa kakhulu ngezingoma zakhe i-Wish I didn’t know you, i-No More Rain, nethi-Stay for a while uzoshiyelana inkundla nabawine i-Grammy isihlabani se-R&B uBabyface kanye nomculi wase-Nigeria uBurna Boy.
Uhlu olusha noluphelele lwalo mcombi ludalulwe ngabahleli emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine.
“Ngesikhathi ucabanga ukuthi sesiqedile ngezimanga, siyabuya futhi ngesimemezelo sethu esibuyekeziwe nesokugcina sohlu lwango-2022,” kufundeka inkulumo yabo.
Lo mcimbi uzoba se-Kyalami Grand Prix Circuit ngempelasonto ye-Heritage ngomhlaka-24 kuMandulo.
UNissi Ogulu ongumculi nombhali wezingoma ophinde abe ngudadewabo kaBurna Boy, useqinisekisiwe njengomunye wabalingisi abazobe benandisa kulo mcimbi.
Ukwengeza abahambele umcimbi bazothokozelwa kakhulu ngomculo kunalokho.
Ngomhlaka-24 kuMandulo kuzobe kucula uMdu Masilela, uKabelo Mabalane, uThebe noTrompies esiteji kanti kuzovula uBurna Boy.
Esiteji esikhulu oDJ be-Major League bazobe behambisana ne-G-Force, uLerato Kganyago, uLamiez Holworthy, uDJ Zinhle, noSoul Sista Zane.
U-Angie Stone kanye noBabyface owawina i-Grammy izikhathi ezingu-12 bazocula esiteji esikhulu ngomhlaka-25 kuMandulo.
U-Oskido, uVinny, Christos, uDJ Ganyani, noDJ Fresh bahlanganise izihlabani zangempelasonto.
Umthombo wesithombe: @Ebony