Dylan Bettencourt
NgoLwesithathu, uNgqongqoshe ophethe ukubambisana kombuso kanye nezindaba zomdabu, uNkosazana Dlamini-Zuma umemezele ukuthi mhla zi-1 kuLwezi kuzoqala ukuvotelwa ohulumeni bendawo.
Lokhu kuza ngemuva kokuba inkantolo yomthethosisekelo ichitha isicelo sekhomishana ezimele (i-IEC) yokufuna kuhlehliswe izinsuku zokhetho zibe ngoNhlolanja ngowezi-2022 ngenxa ye-Covid-19.
.
Inkantolo yomthethosisekelo itshele ikhomishana ukuba ukuvotelwa komasipala kumele kube mhla zingama-27 kuMfumfu kuze kuye mhla ziyi-1 kuLwezi.
UNkosazane Dlamini-Zuma uthe usuku luzomenyezelwa mhla zingama-20 kuMandulo kuzolandela ngemuva kokubhalisela ukuvota ngempelasonto.
Usuku obeluqokwe uNkosazane Dlamini-Zuma kwaku mhla zingama-27 kuMfumfu, kodwa inkantolo yaphoqa ukuba i-IEC ihlele kabusha.
Izingxoxo seziqalile zokuthi kuqokwe usuku lo mhla zi-1 kuLwezi ngosuku leholidi ukuze abaningi abasebenzayo bakwazi ukuya kovota.
Ukuhlehliswa kokuvotela ohulumeni bendawo kuza ngemuva kokuba iqembu le-ANC lihluleka ukuhambisa uhlu lwabantu abazongenela ukhetho ngesikhathi esasibekiwe kwase kwaphoqa ukuba usuku luhlehliswe.
Oyilungu aphinde abe yibamba leqembu le-ANC uJessie Duarte uphika izinsolo ezithi iqembu linesandla esinqumeni esithathiwe.
“Ngabe sithole usizo olukhethekile? Cha asizange” kusho uJessie
“Ubungakubiza ngosizo olukhethekile uma ngabe siphumele esidlangalaleni nemibhobho sacela imiphumela njengoba lokho kube isinqumo se-IEC asizange siye ukuyocela imiphumela” kusho uDuarte.
Amanye amaqembu epolitiki alokhu ebuza ngesinqumo esithathwe i-IEC, bathi babona ngathi iqembu le-ANC linesandla kwisinqumo esithathwe i-IEC sokuhlehlisa ukuvotwa ukuze bekwazi ukuhambisa uhlu lwamagama abantu angakwazanga ukuhamba ngesikhathi.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE