Seludonse amehlo amaningi olukaBester

Lubhalwe i-GroundUp

Udaba lukaThabo Bester selidonsele amehlo inkampani yakwa-G4S kumazwe ngamazwe futhi akukhona okokuqala.

UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo (DCS) usuyiqedile inkontileka yenkampani yonogada yamazwe ngamazwe i-G4S, ebiphethe isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo ejele lase-Mangaung lapho okweqa khona uThabo Bester.

Ukweqa kukaBester kudonsele amehlo inkampani ye-G4S emazweni, kanti nomphathi wesikhwama sempesheni wase-Canada ungaphansi kwengcindezi yokufuna ukuhoxisa ukutshala kwakhe izimali enkampanini ephethe i-G4S.

Omunye wabanikazi bamasheya kwa-G4S osebenzisa inkampani ezinze eMelika i-Allied Universal, umphathi wesikhwama sempesheni yase-Canada uCaisse de dépôt et placement du Québec.

Ngokwephephandaba lase-Canada i-Globe and Mail ibike ukuthi ukuphunyuka kukaBester kubangele imibuzo mayelana nokutshalwa kwezimali kukaCaisse, ophethe izimali zokuthatha umhlalaphansi zabasebenzi bemboni yomphakathi e-Canada.

Abanye abaphathi besikhwama bathi uCaisse akufanele atshale imali emkhakheni wezokuphepha, kodwa abanye bathi kufanele asebenzise amandla akhe ukufukula nokuhlanza i-G4S.

Ebuzwa mayelana nokutshalwa kwezimali ze-Allied (okubandakanya ne-G4S) kuvele udaba lukaBester, okhulumela uCaisse utshele iphephandaba i-Globe and Mail ukuthi isilandela eduze isimo sakuleli futhi sithatha izinsolo zamalungelo abantu ngendlela enobuchule. 

I-DCS ikhiphe isaziso sokuqeda ubudlelwano ne-G4S e-Bloemfontein Correctional Services, futhi izimisele ukuthatha ijele phakathi kwezinsuku ezingu-90.

Ngesikhathi sokulalelwa kwecala ePhalamende mayelana nokweqa kukaBester ngoMbasa, i-G4S yamangalelwa i-DCS kanye ne-Judicial Inspectorate of Correctional Services ngokwehluleka ukubambisana ngokugcwele phakathi nophenyo kanye nokudukisa iPhalamende.

Kulo lonke uphenyo nangemuva kokuba i-GroundUp ishicilele ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi uBester weqa ejele, i-G4S yayimile kwelokuthi uBester ushonele esitokisini.

NgoNdasa ngemuva kokuvela kwezindaba zokweqa kukaBester, i-DCS yaqoka umphathi wesikhashana ejele lase-Mangaung ngesizathu sokuthi i-G4S ihlulekile ukulawula ijele.

Abasebenzi abane ababengabasebenzi be-G4S kumanje babhekene namacala okusiza uBester eqe ejele mhla zintathu kuNhlaba nyakenye. UBester waqamba amanga ngokushona kwakhe esitokisini washiya ngemuva ngokusho kwamaphoyisa, isidumbu esishile sikaKatlego Bereng wase-Bloemfontein.

Isithombe esingenhla: Isikhungo Sokuhlunyeleliswa Kwezimilo e-Mangaung

Umthombo wesithombe: I-GroundUp

Izihloko zakamuva