Selubekiwe usuku lwenkonzo yesikhumbuzo sikaWinnie Khumalo

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

  • Isikhumbuzo somculi we-Afropop uWinnie Khumalo sizoba ngoLwesithathu, mhla ziyishumi nanhlanu kuMasingana, eJoburg Theatre. 
  • UMakhumalo(51), udlule emhlabeni ngemuva kokuzwa izinhlungu esifubeni nakumgogodla. Eminye imininingwane yomngcwabo izomenyezelwa njengoba sekuphothulwa amalungiselelo.

Inkonzo yesikhumbuzo yomculi we-Afropop uWinnie Khumalo ihlelelwe uLwesithathu, mhla ziyishumi nanhlanu kuMasingana eJoburg Theatre.

“Wonke umuntu okhona kulo mkhakha futhi okubheke ngabomvu ukuhambela isikhumbuzo sempilo emnandi kaMam Winnie uzonikwa isikhathi sokuzilungiselela, yingakho kwengezwe isikhathi,” kusho okhulumela umndeni, wengeza ngokuthi abantu bazosuka kude bezohlonipha impilo kaMaKhumalo.

Amalungiselelo omngcwabo kaMaKhumalo, okumenyezelwe ukushona kwakhe eneminyaka engu-51 ubudala ngoLwesibili, ahlehlisiwe, ngokusho kukadadewabo kaMaKhumalo, uTshepi Rakeepile.

Uthe udadewabo bekumele angcwatshwe ngoMgqibelo kodwa umngcwabo ubambezelekile ngenxa yokudlula emhlabeni komunye umculi uDoc Shebeleza.

URakeepile uthe udadewabo ubegula kusukela ngoLwezi odlule kodwa waqala ukuzizwa engcono ngoZibandlela.

“Sonke besicabanga ukuthi konke kuhamba kahle kodwa wabe esekhala ngezinhlungu esifibeni nakumgogodla ekuqaleni konyaka. Besisanethemba lokuthi izinhlungu zizophela,” kusho yena.

Ekuqaleni kwale nyanga uke wafonelwa udadewabo wakhala ngezinhlungu. URethabile Khumalo, indodakazi endala kaWinnie, wamphuthumisa esibhedlela uWinnie iBaragwanath kodwa wathi mayefika, wamthola eseshonile.

Eminye imininingwane yomngcwabo uma isiqinisekisiwe izomenyezelwa umndeni.

Osesithombeni esingenhla: uWinnie Khumalo.

Umthombo: Izithombe ze-Ouparazzi

Izihloko zakamuva