Selokhu kwaqala i-Covid-19 isibalo sabantu abafika esibhedlela bezolanda imishanguzo yabo sehle kakhulu

Xolile Bhengu

Ongoti bezempilo bakhathazekile ngokuthi ubhubhane oluqhubekayo lwe-Covid-19 seluholele ekutheni iziguli zingalandi imishanguzo yazo yesandulela-ngculazi  neyesifo somdlavuza ngenxa yokwesaba ukuthola leli gciwane.

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natali, unkosikazi uNomagugu Simelane naye waveza ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ukuthi ukhathazekile ngezinhlelo zezempilo esifundazweni, njengoba izwe lenza yonke imizamo yokulwa nobhubhane lwe-Covid-19.

USimelane udalule ukwehla kwesibalo sababhalisele izinhlelo zokuhlolwa komdlavuza njengoba ziningi iziguli eseziyekile imishanguzo yazo.

Ngesikhathi evula ngenkulumo kwingqungquthela ye-21st International Conference on Aids and sexually transmitted infections in Africa (i-ICASA) kuleli sonto, uthe lolu bhubhane lube nomthelela ezinhlelweni zesifo sesandulela-ngculazi esifundazweni.

“Esibhekene nakho ukuthi siphoqelekile ukuthi singene esimweni lapho kumele sibhekane khona nalezi zifo eziwubhubhane,” kusho uSimelane.

Usihlalo we-Unity Forum of Family Practitioners, udokotela uNorman Mabasa, uthe ubhubhane lwe-Covid-19 seluholele ekutheni abantu bagweme ukuvakashela izikhungo zezempilo ngoba besaba ukungenwa i-Covid-19.

UMabasa uthe umphumela walokhu ukuthi abantu bangakwazi ukuyolanda eminye imishanguzo yezifo ezingelapheki okubalwa kuzo imishanguzo ama-ARVs) okwelapha isifo sesandulela-ngculazi .

“Angeke sikwazi ukugwema ukuthi njengoba sekuvele uhlobo olusha lwegciwane kuzobusa ukwesaba okufanayo. Abantu bebehlale bemanqikanqika ukuya ezikhungweni zezempilo eziminyene.

“Iziguli eziningi ziyeka zingaqondile bese ziphazamisa ukwelashwa okungaholela ezinkingeni ezaziwayo ezinzima zokungazweli kwemishanguzo okuholela ekushintsheni indlela yokwelashwa,” kusho uMabasa.

Izihloko zakamuva