Lesi sicelo samaphoyisa e-SAPS siza ngemuva kokuthi abalandeli nemindeni behlanganisa unyaka selokhu kwenzeka isigameko sokubulawa kuka-AKA nomngani wakhe ngaphandle kwendawo yobumnandi, iWish, eThekwini.
Amaphoyisa anxusa ukuthi kube nesineke njengoba uphenyo lokubulawa kukaKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe omkhulu uTebello “Tibz” Motsoane seluseqopheleni eliphezulu.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe ithimba labaphenyi, elihlanganisa ongoti, abaseshi nabahlaziyi, lizimisele ekuxazululeni leli cala.
UMathe uyakubona ukukhathazeka kwabantu mayelana nendlela lolu phenyo oluhamba ngalo kanye nokungaboshwa kwabasolwa, echaza ukuthi ubucayi becala kwenza bangakwazi ukwazisa umphakathi ngayo yonke into.
UMathe uthe ithimba labaphenyi selithathe igxathu elikhulu njengoba abanye abasolwa abamataniswa nalelicala sebeke baboshwa ngamacala angahlobene naleli.
Abanye basafunwa kanti nabezomthetho balandela umkhondo.
Ukushona kuka-AKA noTebello kubathinte kakhulu othandiweyo nabalandeli babo, njengoba indawo yasebusuku i-Wish okwenzeka khona isigameko selokhu yavalwa ngaleso sikhathi.
Ubaba kaTebello, uSylvester Motsoane uchaze ngobuhlungu obabakhona emndenini wakhe ngemuva kokushona kwendodana yakhe, ikakhulukazi kumama kaTebello owashona ezinyangeni eziyisishiyagalombili ngemuva kokushona kukaTebello.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla:U-AKA
Umthombo wesithombe: X