Selivaliwe iwindi lokuthengiswa kwabadlali be-PSL 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Iwindi lokudayiselana ngabadlali be-Premier Soccer League ngoMasingana livalwe ngoLwesibili ebusuku.

Amanye amaqembu asheshile ngokuthenga abadlali kanti amanye njengeSundowns ayikwazanga okusayinisa umdlali ngisho oyedwa.

Nanka amaqembu akwazile ukuthenga abadlali nalawo ahlulekile ngewindi lokudayiswa kwabadlali maphakathi nesizini.

Abaphumelele

IMaritzburg United ibihlezi emsileni ngesikhathi imidlalo yeligi iqala kabusha ngemuva kwekhefu leNdebe yoMhlaba ka-2022, kodwa manje isisele ngamaphuzu amahlanu kuMarumo Gallants.

IMaritzburg iqale ukukhuphuka ngoMasingana kulandela ukufika kukaWayde Jooste, uBradley Cross, uKwame Peprah noRafiq De Goede nakuba abanye besazoqala ukudlala.

I-Orlando Pirates yaseSoweto igxile kakhulu kubagadli bayo okuholele ekutheni balande uSouaibou Marou, owayene-Cameroon eNdebeni yoMhlaba. Nakuba uMarou engakaqali ukudlala, ubukeka ezobamba iqhaza elikhulu.

ISwallows FC edume ngokubizwa ngeDube Birds ngokungangabazeki zidle umhlanganiso ngemuva kokuba i-Fifa ihoxise umthetho wokudayiselwa abadlali.

Nakuba izigwebo zokushintshana ngabadlali zisusiwe sekuzovalwa iwindi, kodwa baphuthume ukusayinisa abadlali abangakhokhelwa u-Evans Rusike nonozinti onamava uDaniel Akpeyi ebhizinisini elibukeka lilihle.

ISwallows iphinde yasayinisa umdlali wePirates uBongani Sam obolekisiwe.

Abangaphumelelanga ukuthenga abadlali

IKaizer Chiefs njengoba isihlohle amagoli angu-21 emidlalweni engu-18 yeligi, ukuvikela Amakhosi kube yinto ekhathaza kakhulu kodwa umqeqeshi u-Arthur Zwane akenzanga lutho ngakho ngaphandle kokusayinisa uThatayaone Ditlhokwe weSuperSport.

Okuxakayo ukuthi abadlali babo basemuva benza amaphutha amaningi ngoMasingana.

Lezi zinkunzi zaseSoweto nazo azizange zivale indawo kaNjabulo Blom odlala esiswini oshiye ukuyodlala ku-Major Soccer League futhi kuzomele zithole umdlali wasesiswini onekhono langempela. 

IMarumo Gallants icwilile kakhulu futhi ibithule kakhulu ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuthengwa kwabadlali.

Basayinise umdlali oyedwa vo uJudas Moseamedi obelwela ukudlala emidlalweni yeqembu le Stellenbosch.

Isithombe esingenhla: Umgadli omusha weKaizer Chiefs uChristian Saile Basomboli

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva