Lubhalwe nguMichael Madyira
Iqembu lase-Zimbabwe elikwi-Premier Soccer League, i-Harare City FC selikhombise ukweseka umdlali walo uJerry Chipangura kulandela ukuboshwa kwakhe ephethe izidakamizwa.
Umsolwa oneminyaka engu-24 ubudala ngoMsombuluko ugwetshwe izinyanga ezingu-14 ebhadla ejele iMantshi yesifunda sase-Harare, uFeresi Chakanyuka.
UChipangura waboshwa ngoNhlangulana ngemuva kokubanjwa amaphoyisa ephethe u-40 grams wezidakamizwa ezibizwa nge-crystal meth eziyingozi kakhulu futhi kusolwa ukuthi wayehlose ukuzithengisa e-Harare edolobheni lase-Mabvuku.
Kodwa i-Harare City ibona ukuthi umgadli wabo unikezwe isigwebo esikhulu ekubeni kuyicala lakhe lokuqala leli futhi iqembu seliqinisekisile ukuthi angeke lithathele uChipangura izinyathelo.
“Iqembu alikubekezeleli ukusetshenziswa kwezidakamizwa ikakhulukazi ukudayisa izidakamizwa okuyinto umdlali okukhulunywa ngaye abanjwe eyenza,” kusho uSihlalo we-Harare City, u-Alois Masepe etshela i-Scrolla.Africa.
“Izwe libhekene nengozi yangempela yokukhungathwa izinkinga zokusetshenziswa kwezidakamizwa ikakhulukazi entsheni. Mina ngokwami ngikholwa ukuthi abasebenzisa izidakamizwa kufanele bathunyelwe ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo hhayi emajele ikakhulukazi labo abaqala ngqa ukuphula umthetho.
“Odabeni lomdlali okukhulunywa ngaye iqiniso ukuthi ubugebengu akukhona ukudla izidakamizwa, kodwa ukuhweba ngezidakamizwa.
“Lo mdlali uphikile ukuthi ungumuntu osebenzisa izidakamizwa futhi ungumdayisi wazo. Ukuhlunyeleliswa kwezimilo kungaqala kuphela uma ummangalelwa evula isifuba amukele akwenzile abone nesidingo soshintsho.”
I-Meth ithathwa njengesidakamizwa esiyingozi e-Zimbabwe futhi esivame ukubizwa ngokuthi i-mutoriro.
UMasepe uthi i-City ibambe iqhaza ekunikezeni uChipangura ukwesekwa ngesikhathi eqhubeka nezinhlelo zokwahlulelwa.
“Ngemuva kokulandela icala lakhe iqembu lavolontiya ukuba ofakazi kanti umqeqeshi wafakaza ukuthi ukuziphatha komdlali bekukuhle kakhulu edlala ngokuzikhandla,” kusho uMasepe.
“Uphiko lwamajele kusobala ukuthi yilo oluzohamba phambili ohlelweni lokuhlunyeleliswa kwezimilo. Iqembu lifuna ukuthi angene esikhungweni sokuhlunyeliswa kwezimilo athole usizo lokuyeka ukuba ngumdayisi nomhlukumezi wezidakamizwa.”
Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa sekuyinkinga ebholeni lase-Zimbabwe.
Ekuqaleni kwalo nyaka uPhilani Ncube owayengumqeqeshi weqembu le-PSL, i-Bulawayo City wayekhala ngokuthi u-80% wabadlali bebhola base-Zimbabwe badla izidakamizwa eziyingozi.
Eminyakeni embalwa edlule ongasekho owayenguMengameli weqembu lesibili ngobukhulu e-Zimbabwe, i-Highlanders FC uNdumiso Gumede naye wayekhala ngabadlali bakhe abadla i-nyaope okuyinto ejwayelekile kuleli.
Osesithombeni esingenhla nguJerry Chipangura
Umthombo wesithombe: HMetro