Seligqashukile ifindo lomshado phakathi kwaloyo owayengunobuhle ka-Mrs SA uHlengiwe Twala nomyeni wakhe uGlenn

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Owayengunobuhle kaMrs SA uHlengiwe Twala nomyeni wakhe uGlenn bafake isehlukaniso ngemuva kokuvela enkantolo ngoLwezi ka-2024.

Unobuhle owaphenduka usomabhizinisi kanye nomyeni wakhe bafuna ukugcina ukuhlukana kwabo kuyimfihlo futhi kunokuthula.

Uzime uHlengiwe Twala nomyeni wakhe uGlenn bayahlukana ngemuva kweminyaka engu-20 bendawonye.

Laba bashadikazi bafika ohlwini lwe-Divorce Court Roll ngomhlaka-15 kuLwezi ka-2024, bekhombisa ukuthi bayawuqeda umshado wabo, kubika iFakaza.

Umngane osondelene nalaba bobabili uthi bafuna ukugcina izinto zinokuthula. “Bancamela ukuthula futhi bangenzi umbukiso ngalesi simo, kodwa kuyiqiniso,” kusho umngani.

UHlengiwe waduma ngesikhathi ewina uMrs South Africa ngo-2017. Uqhubekile nokuphakamisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika emqhudelwaneni kaMrs World e-South Korea.

Kusukela lapho, usezakhele elakhe ibhizinisi elibizwa ngeMindful Living.

UHlengiwe noGlenn abakaze bakhulume esidlangalaleni ngokuhlukana kwabo. Abashadikazi bebelokhu begcina impilo yabo yangasese.

Osesithombeni esingenhla: UHlengiwe Twala.

Umthombo: @ms_hlengi

Izihloko zakamuva