Selidumela emansumpeni ngeyomnqakiswano eqala namhlanje

Lubhalwe nguMichael Madyira

Inkundla isilungele iNdebe yoMhlaba yomnqakiswano yakulo nyaka njengoba elakuleli lilungiselela ukubhekana ne-Wales.

Wonke amehlo athe njo kuSpar Proteas enengcindezi yokuletha umphumela omuhle emdlalweni ka-Group C e-Cape Town International Convention Centre namhlanje.

Iqembu likaNorma Plummer lifuna ukuwina isicoco salo sokuqala ngqa seNdebe yoMhlaba yomnqakiswano futhi ukuba sekhaya kwenyusa ingcindezi yokuzuza lokho.

Bazophinde babhekane ne-Jamaica ne-Sri Lanka eqoqweni labo.

“Lokhu akuphathelene nathi kuphela kodwa kukhona okukhulu okungaphezu kwethu,” kusho ukaputeni weqembu lakuleli uBongiwe Msomi ekhuluma ngesisindo sezibopho zabo.

“Lo nyaka ube muhle kwabesifazane kwezemidlalo. Ngingumlandeli omkhulu wokugcizelela ukuthi senza kahle ngokwanele. Uma kuwukuthi kukhona ongakubonanga lokho ngicabanga ukuthi njengamanje kufanele akubone,” esho.

“Ngiyazi ukuthi injabulo enginayo into engaziwa. Akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani.”

Uthe ukuba yingxenye yeqembu ekhaya kumnandi ngokwedlulele.

“Ngiwubheke ngabomvu umdlalo wokuqala ngoba lokho kuzobeka ithoni nokuthi sithole umfutho wokuqhubekela phambili,” esho.

“Siqala uhambo oluhle amantombazane nabafana abaningi abangasoze bathola ithuba lokulufinyelela kulo. Sinethuba lokuthi singagcini ngokuphuma sizimelele thina kodwa simele izwe lonke.”

UMsomi ungomunye wabadlali abamqoka eqenjini likaPlummer elinabadlali angu-15 kanti abayisikhombisa babo bazobe bedlala okokuqala kulo mqhudelwano.

Odlala maphakathi nenkundla u-Izette Griesel, unozinti uPhumza Maweni, ovikela phakathi nendawo uKhanyisa Chawane kanye noLenize Potgieter oshaya amagoli bangabanye babadlali abanamava abake badla ubhedu kwiNdebe yoMhlaba e-Liverpool eminyakeni emine edlule.

Isikwati seSpar Proteas simi kanje:

UBongiwe Msomi (C), uKarla Pretorius (VC), uKhanyisa Chawane, u-Izette Griesel, uPhumza Maweni, uLenize Potgieter, uNicola Smith, uJeante Strydom, uNichole Taljaard, u-Elmere van der Berg, uShadine van der Merwe kanye no-Ine-Mari Venter

Abasebhentshini:

U-Owethu Ngubane, uRefiloe Nketsa kanye noLefebre Rademan

Esithombeni esingenhla: Ukaputeni weSpar Proteas uBongi Msomi

Umthombo wesithombe: INdebe yoMhlaba yomnqakiswano

Izihloko zakamuva