Lubhalwe nguRorisang Modiba
Abuthwa phansi amakha adayiswa umculi waseNingizimu Afrika ophinde abe isihlabane sohlelo lweTV, uBoitumelo “Boity” Thulo, njengoba esehle ngo-90% wonke.
Amakha abizwa nge-Boity Pink Sapphire Eau de Parfum athulwa ngo-2020 ngokubambisana ne-Halo Heritage, ibhodlela lamakha elingu-100ml belibiza cishe u-R1,495.
Kodwa kukhona ofake ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine ekhombisa ukuthi amakha kaBoity Thulo ukuthi ehlile aze afika ku-R60, njengoba eselivala leli bhizinisi.
“Amakha kaBoity uwadayisa ngo-R60. Ngifisa sengathi ngabe ibhizinisi lakhe walithuthukisa njengoBonang ophromotha i-BNG futhi aphinde axhumane namakhasimende akhe,” kubhala omunye ezinkundleni zokuxhumana.
UBoity ubhale ukuthi: “Ibhizinisi libhuntshile futhi kuyangidumaza kakhulu lokhu kodwa impilo le sizozama futhi siqhubeke nokuya phambili.”
Ngaphandle kwebhizinisi lakhe lamakha, uBoity ukhiqiza utshwala obubizwa nge-BT Signature kanti bona bathulwa ngoNdasa ka-2021, uphinde adayise nezinto zokunakekela izinwele ezenzelwe abesifazane abanezinwele zohlobo luka-Type 3 & 4.
Ibhizinisi lakhe lokukhiqiza utshwala nelokudayisa izinto zokunakekela izinwele lisahlezi kwinani elifanayo.
Isithombe esingenhla: UBoity.
Umthombo wesithombe: Instagram