Karabo Rammutla
Sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili ugesi ungekho esiteshini samaphoyisa e-Ga-Rankuwa.
Amaphoyisa asebenza ebusuku kufanele athembele kumathoshi omakhalekhukhwini bawo ukuze azungeze isiteshi futhi athathe izitatimende kubahlali. Kodwa iningi labantu bendawo seliyekile ukubika amacala ebusuku.
Ukungabibikho kukagesi sekuphoqe amaphoyisa ukuthi avale amasango esiteshi uma sekuhwalele, kungangeni muntu.
Yize lolu daba selubikwe izikhathi eziningi, awukho umehluko owenziwe.
NgeSonto izakhamuzi namaphoyisa bebecabanga ukuthi izinsuku zobumnyama seziphelile ngesikhathi i-Community Policing Forum ibatshela ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kulindeleke ukuthi avakashele esiteshini.
Kodwa-ke, akwenzekanga. Okhulumela uNgqongqoshe, uLirandzu Themba, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ungqongqoshe ubese-Kimberley evakashele i-SAPS Training College.
Isiteshi samaphoyisa sase-Ga-Rankuwa sithola ugesi waso ngqo kwa-Eskom futhi nakuba kunemibiko eminingi ekhulayo, ugesi awukakabuyi.
Iphoyisa elingathandanga ukudalulwa igama lithe ukusebenza esiteshini ebusuku kubeka amaphoyisa esifazane engcupheni yokulimala.
Uthe amaphoyisa esifazane aya endlini yangasese ngamaqembu futhi alikho iphoyisa lesifazane elikwazi ukuhlala lodwa ehhovisi.
“Yize kumele sivikele izakhamizi kodwa sizizwa singaphephile futhi ngenxa yalokho isango liyavalwa ngemuva kwehora lesithupha ntambama.
“Izinto ziyabheda lapha, awukwazi ukwenza itiye noma wenze i-photocopy. Ngenxa yokushoda kwamandla kagesi, olayini bethu baba bade futhi abasebenzi bayakhathala.”
Isakhamuzi uBoitshoko Ramotsho uthe wake waya esiteshini eyobika ngokwephulwa kwencwadi yokuvikela kwadingeka ukuthi ajike ngesikhathi ebona ukuthi isiteshi sonke sisebumnyameni.
“Bengisengaphakathi etekisini ngatshela umshayeli ukuthi angiyise kwamngani wami lapho angalala khona. Kumele kwenziwe okuthile ngoba yilapho izigebengu ezenza khona amacala amaningi futhi izisulu zidinga indawo ephephile lapho ezizobika khona,” esho.
UThemba uthe udaba seludluliselwe ehhovisi likaNgqongqoshe.
Uthe isikhulu sehhovisi likaNgqongqoshe sivakashele lesi siteshi ukuyohlola isimo nokuhlonza inkinga.
“Njengoba siqonda, inkinga yokushoda kukagesi ilungiswa ngokushesha noMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi futhi ngiyethemba ukuthi izoxazululeka maduze nje.