Sekuyisikhathi sokuhlolisisa kahle ukuthi ezemidlalo zimayelana nani

Lucky Sithole

Akungabi inkulumo-mpikiswano ukuthi kungani uLewis Hamilton ehlulwe emqhudelwaneni we-Abu Dhabi Grand Prix ka-2021 ngemuva kokuhola ngamaphuzu ayi-12. Ngemuva kokuthi uNicholas Latifi eshayise imoto yakhe odongeni imizuliswano emihlanu ngaphambi kokuphela komjaho, izimoto zatholana phezulu zihamba ndawonye ngemuva kwemoto yokuphepha njengoba lokho kusemthethweni.

Kuyaxaka ukuthi umqondisi womjaho uMichael Massi uvumele izimoto ezinhlanu kuphela ukuthi zidlule imoto yokuphepha phakathi kukaHamilton noMax. Lokho kusho ukuthi bekusazosala omunye umzuliswano wokugijima ngaphambi kokuphela komjaho. Ukube uMassi ubezidedele zonke izimoto eziyisishiyagalombili zidlule ezinye, umjaho ubuzophela emgqeni ophuzi, noma izimoto zime emigodini.

Kungani kunemoto yokuphepha?

Ngonyaka ka-1955 kumjaho we-Le Mans wamahora angu-24 e-France, cishe kwalimala izibukeli ezingu-230, kwashona ezingu-83, ngenkathi i-Mercedes-Benz ishayisa yandizela lapho okugcwele khona ababukeli nabasebenzi. Lo mjaho waqhubeka ngesikhathi abezicishamlilo bebhula umlilo eduze kwethrekhi kudlula izimoto ezihamba ngesivinini esingu-200km/h.

Imoto yokuphepha yasetshenziswa okokuqala ngqa ku-Formula One ye-Canadian Grand Prix ngo-1973. Kwakuwumqondo owasuselwa kwi-American oval speedcar racing, eyayisisebenzise lolu hlelo minyaka eminingi.

Yomibili imqondo yokusetshenziswa kwemoto yokuphepha kanye nesistimu yekhadi eliphuzi, nayo yayikhona, kodwa yomibili inezinkinga.

Ukusetshenziswa kwemoto yokuphepha  kwi-Formula 1, kanye nokubuyekezwa komdlalo ebholeni lombhoxo ikunomphumela wokwehlisa ijubane lomcintiswano. Kodwa ngaphezu kwalokho, inamandla okushintsha umqhudelwano ngokuphelele, njengoba kwavela ku-Abu Dhabi Grand Prix nasemidlalweni eminingi yebhola lombhoxo emhlabeni wonke ngonyaka odlule.

Kuwo wonke umdlalo wombhoxo (kungakhathaleki ukuthi iliphi izinga), kuhlezi kunombono wekhadi eliphumayo futhi lishintsha uhlobo lomdlalo okubuye kushintshe nomphumela.

Abesilisa abagqama kakhulu emdlalweni webhola lombhoxo lomhlaba ngo-2021 kungenzeka kube uRassie Erasmus kanye nesitha sakhe unompempe uNic Berry.

Lo mbhali ozithobile unethemba lokuthi  iziphathimandla zebhola lombhoxo zizothola indlela yokuphuca unompempe amandla ukuze angakwazi ukunquma umphumela womdlalo ngokukhala kwempempe.

Siyathemba ukuthi ku-F1, iziphathimandla zizokwenza umzamo omkhulu wokususa ingcindezi kumqondisi womjaho – ngokuqala ngokususa ukubhejwa esidlangalaleni kwabaphathi beqembu. Ngokuqinisekile, kumele kube khona indlela ethile esetshenziswayo!

Siyethemba ukuthi lona kuzoba unyaka ongenazingxabano ogcwele imidlalo eminingi egqugquzela ukuzimisela kubadlali. 

Izihloko zakamuva