
Everson Luhanga
Kutholakale izibhamu ezimbili ezebiwe esiteshini samaphoyisa ezigamekweni ezahlukene e-Ivory Park eGoli.
Isibhamu sokuqala kulezi ezimbili sebiwe esiteshini samaphoyisa iSebenza. Kamuva siye sasetshenziswa esigamekweni sokuphanga ngoMgqibelo e-Busy Corner Mall e-Ebony Park ngase-Midrand.
Umsolwa obebamba inkunzi udubule wabulala umngani wakhe ngephutha esigamekweni sokugebenga. Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Bernard Matimulane usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe umufi ubeyingxenye yezigebengu ebezigebenga kule nxanxathela yezitolo, eziqonde ezitolo ezimbili ebesezizovala.
“Umufi ungene esitolo sesizovala, wazihlanganisa namanye amakhasimende abesevele ekhona esitolo,” kusho uKaputeni Matimulane.
“Ukuvumela ozakwabo abebengaphandle ukuthi bangene, umsolwa, oseshonile, welulele isandla sakhe komunye wabasolwa, wenza iphutha lokuthatha isikhwama sakhe semali, nokuyilapho esinye sezigebengu esimdubule khona ekhanda kwawa isibhamu sakhe”.
Uthe umsolwa ushonele esibhedlela egadwe amaphoyisa.
UKaputeni Matimulane uthe isibhamu sikamufi sitholwe sinezinhlamvu ezingu-14 kanti ulwazi lokuqala luveze ukuthi sintshontshiwe futhi kwabikwa ukuthi sebiwa esiteshini samaphoyisa iSebenza.
Kwesinye isigameko, abaqaphi bendawo bathole isibhamu esintshontshwe esiteshini samaphoyisa e-Ivory Park.
Kuboshwe abasolwa ababili ngokuphanga iphoyisa isibhamu. Abaqaphi bomphakathi bathole abasolwa base bebikela amaphoyisa, abe esephuthuma ukuyobopha laba balisa ababili abaneminyaka engu-20 nengu-25.