Dylan Bettencourt
Ukugqekezwa kwesiteshi samaphoyisa sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba – njengoba izigebengu ziqeda ukuhlasela i-Western Cape Sir Lowry’s Pass satellite.
Abasolwa abathathu abebehlomile bahlasele amaphoyisa ngoMgqibelo ebusuku bantshontsha izibhamu, omakhalekhukhwini nama-Laptop.
Okhulumela amaphoyisa u-André Traut uthe abasolwa abebehlomile bafike esiteshini ngehora le-9:00 ebusuku bahlasela amaphoyisa amabili abesemsebenzini.
“Baphuce amaphoyisa izibhamu ngemuva kwalokho babaleka nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-9mm, omakhalekhukhwini abathathu kanye ne-laptop. Amalungu amaphoyisa awalimalanga ngesikhathi sesigameko,” kusho uTraut.
Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi abasolwa batshele amaphoyisa ukuthi badinga amaphepha anesigxivizo samaphoyisa, okuthe uma sebengaphakathi esiteshini bahlasela amaphoyisa bawabopha ngemuva kwalokho bafuna izikhiye zesisefo.
Okhulumela inyunyane yamaphoyisa kanye namalungelo amajele (i-Popcru) uRichard Mamabolo uthe kuyinhlanhla ukuthi amaphoyisa awalimalanga, kodwa lokhu kuhlasela sekuyinto ejwayelekile.
“Lokhu kubeka engcupheni izinsiza ezidingeka kakhulu okumele ngabe iziteshi ziyazihlinzeka,” esho esitatimendeni.
Lesi sigameko senzeke ngosuku uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnumzane uBheki Cele ethula i-Safer Festival Season kulesi sifundazwe lapho isibalo samaphoyisa sinyuswe khona ukuqinisekisa ukuphepha ezinyangeni zokugcina zonyaka.
Isiteshi samaphoyisa sase-Tsineng, e-Northern Cape, sibe nesigameko esifanayo ngoNtulikazi ngesikhathi amadoda amathathu eqa nezibhamu zohlobo lwe-R5, izibhamu ezincane kanye nezinhlamvu.
“Bacele izibhamu kwathi iphoyisa ebelisemsebenzini lavula isisefo ngemuva kokuthi izigilamkhuba zifune okhiye zimkhombe ngezibhamu,” kusho umbiko wamaphoyisa.