Sekuvele ukuthi iSilo silaxaze isigodlo saseNyokeni ngoba sincikiselwa ngaso

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuvele ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini udube isigodlo saseNyokeni ngoba ubencikiselwa ngaso akhiyelwe izindlu uma kufanele azogcina umsamo ukulungisela uMkhosi woMhlanga.

Amalungu omndeni waseNdlunkulu ahlebele iScrolla.Africa eMashobeni ngoMgqibelo ukuthi iSilo besithwala kanzima uma kuzoba noMkhosi woMhlanga eNyokeni ngoba uNdlunkulu ukaMchiza ubengasifuni futhi ubevele akhiye indlu ewumsamo kaZulu okukhulekwa kuyo kushiswe nempepho uma kunoMkhosi woMhlanga.

“Kukhona lapho iSilo okwaphoqeleka khona ukuba siyigqekeze ukuze sikwazi ukungena bese sigcina usiko lwesintu, sibikele nabadala ngoMkhosi. Ngaphandle kwalokho kunomunye unyaka lapho noHulumeni owagcina usudideka usuzama ukuba uMkhosi woMhlanga uyokwenzelwa kwaKhangela Amankengane. Lapho kwaba ukuthi uMntwana uSimakade wayegweve nezindlu engafuni ukuphuma. Kwaze kwaphoqa ukuba uMntwana wakwaPhindangene akhulume noBheki Cele owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, nowajuba ithimba eliyisipesheli lamaPhoyisa elabakhipha ngesidlozana oZondamagwala nabantu bakhe ukuze kuqhubeke uMkhosi woMhlanga wangalowo nyaka,” kusho omunye wamalungu omndeni ocele ukungadalulwa.

Kuvela lokhu nje iSilo simemezele ngenyanga eyedlule kwethuka abaningi sabikela isizwe ukuthi uMkhosi woMhlanga walo nyaka uzoba sesigodlweni esisha saseMashobeni oPhongolo.

Lokhu kwashaqisa abaningi njengoba kwakhalwa ngokuthi kuzokwenziwani ngesakhiwo esibize abakhokhibentela imali engaphezulu kuka-R140 million obekuhlelwe ukuthi kusingathelwe kuso lo Mkhosi eNyokeni.

UNdlunkulu ukaMchiza waseNyokeni olokhu aduba umkhosi woMhlanga kusuka kungene iSilo uMisuzulu kaZwelithini esihlalweni kanye nezingane zakhe , ucashunwe kwelinye lamaphephandaba ethi okungenani lesiya sakhiwo asenziwe indawo yokugcina amagugu kaZulu kunokuba sihlale singasebenzi.

ISilo sithe yonke imikhosi kaZulu isizokwenzelwa eMashobeni njengoba nowoMhlanga kanye nowesiVivane yenzeke ngempumelelo.
UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli uthe bazokwenza isiqiniseko sokuba isigodlo saseMashobeni siyathuthukiswa ukuze siqhubeke nokuba yindawo esezingeni eliphezulu yemikhosi kaZulu.

Izihloko zakamuva