Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kulabo abangazange balufunde uchungechunge lokuqala lodaba olwakhishwa i-Scrolla.Africa olukhuluma ngoSayitsheni uRosemary Ndlovu, isigaba sakamuva secala lakhe ngaphambi kokuthi lingene eNkantolo eNkulu yaseGoli e-Palm Ridge luyashaqisa.
UNdlovu oyiphoyisa ubekwe amacala amaningi okubulala abathandiweyo bakhe ukuze athole imali yomshwalense. Cishe bangu-54 abantu abafakaze ngokumelene naye. Uboshwe ngemuva kophenyo oluhamba umshoshaphansi obelenziwa ozakwabo abalwa nobugebengu, okuthiwa bamqopha ehlela ukuthenga inkabi ezobulala izihlobo zakhe ezinomshwalense.
Kodwa kungase kube nokunye okwengeziwe.
Kunozakwabo kaRosemary esiteshini samaphoyisa e-Norkem Park okuthiwa wameluleka ngamaqhinga akhe okuthola imali yomshwalense emazisa ukuthi angambulala kanjani umyeni wakhe ukuze athole imali.
Sashicilela lolu daba ngo-2019 silibiza ngokuthi i-Killsurance 2 kanti sesiphethe uchungechunge lwengxenye yesithathu futhi nansi ngezansi kwalesi sihloko kanti lolu chungechunge luzosiza nalabo okungenzeka ukuthi bayigejaeyokuqala.
Kubalulekile ukuqaphela ukuthi lezi zinsolo azikahlolwa eNkantolo.
Amacala abekwe uzakwabo kaRosemary, uNomsa Mudau ahoxisiwe okwesikhashana kanti i-Scrolla.Africa iyaqonda ukuthi icala lizobuyela eNkantolo ngokuhamba kwesikhathi.
UMudau waboshwa ngelanga okwakumele abhabhathizwe ngalo ebandleni lakhe wavalelwa egqoke umfaniswano webandla ngo-2018. Uphawule ngesikhathi sibhala ngaye sabuyela ekuphawuleni kwakhe ngoLwesine.
Lawa amazwi kanye nokuphawula okusha okuvela kumyeni wakhe, okuthiwa wazama ukumbulala lokhu kubhalwe esihlokweni sokugcina salolu chungechunge, ngezansi.