Sekuvele izinsolo zokukhulekwa kuka-Anita Brown

Lubhalwe ngu-Ovwe Medeme

U-Anita Brown ozoba ngumama wengane kaDavido maduze usekhulume ngobudlelwano babo.

NgoLwesibili, kuvele umbiko othi lesi sihlabani sase-Nigeria se-Afrobeats sikhulelise lo somabhizinisi waseMelika. Inqwaba yemiyalezo egxekayo isalokhu ingenile kulosaziwayo oshade noChioma Rowland ngoNdasa nyakenye.

Ochungechungeni lwemibhalo ekhasini lakhe le-Instagram, uBrown udalule ukuthi bahlangana e-Dubai ngo-2017 futhi ubudlelwano babo akubanga yinto encane.

“Bengidumile impilo yami yonke kusukela ngikhula. Angikaze ngihlaze umuntu noma ngikhulume kabi ngomuntu odumile ngisho nebhizinisi lami alikaze lingene ehlazweni noma kwizigigaba ezithile.”

Uqhubekile wabhala wathi, “Njengamanje sekuyisikhathi sokuthi ngizikhulumele ngoba ngeke ngivumele abantu bangcolise igama lami, baqambe amanga ngezinto abangazazi.” 

Lo wesifazane uphinde wathi ubengazi ukuthi lo mculi ushadile.

“Bengingazi ukuthi ushadile ngoba ngisho kwikhasi lakhe bekungekho izinto ebeziveza ukuthi ushadile. Ngididekile ngoba imiyalezo egcwele ekhasini lakhe eyabantu bebhale ukuthi lala ngokuthula  enganeni yakhe. Abantu bebazi ukuthi unengane, kodwa akekho okade azi ukuthi ushadile.

“NgiseMelika kanti futhi akekho obekwazi lokhu. Angikaze ngikubheke ngoba bengingabhekile umshado. Angikaze ngikuzwe lokhu ngikuthole njengoba sengazi ukuthi ngikhulelwe,” kusho lo saziwayo. 

Selokhu kuvele izindaba zokukhulelwa, uDavido ongakaphenduli ngalolu daba useyinhlekisa ezinkundleni zokuxhumana e-Nigeria.

Phakathi kwezinto abebehlekisa ngazo ngaye ukufakwa kwakhe kwi-Hall of Fame yabesilisa abagunda imbunculu kwenze abantu baba nemibono eminingi ehlukene.

Iqiniso ukuthi abesilisa abagunda imbunculu baziwa ngokuphinga emishadweni yabo. Amalungu aqavile kulokhu kuhlanganisa u-2baba, owaziwa ngokuba nezingane eziningi ngaphandle komshado wakhe, u-Yul Edochie osanda kuthatha unkosikazi wesibili noBanky W okwakunamahlebezi okuthi ujola nomngane wakhe osekhulelwe ingane yakhe.

UDavido ungomunye wakamuva ongene kulolu hlu oludumile.

Lo mculi unezingane ezimbili u-Imade Adeleke ozalwa nguSophia Momodu, noVeronica Adeleke kumama wezingane zakhe wesithathu u-Amanda.

Indodana yakhe, u-Ifeanyi yaminza kabuhlungu ngoMandulo nyakenye eneminyaka emithathu.

Isithombe esingenhla: UDavido

Izihloko zakamuva