Dylan Bettencourt
Ezinsukwini ezimbalwa nje ngemuva kwezigameko ezimbili ezihlukene zokucwasa ngokwebala, inyuvesi yase-Stellenbosch isiphinde yabasezindabeni ezimbi manje ngezinsolo zokudlwengulwa komfundi.
Kusolwa ukuthi umfundi owenza unyaka wokuqala udlwengulwe phakathi esikhungweni ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mfundi (19) ubike isigameko ngezithuba zabo-10:30 ebusuku.
“Isisulu besingakalubiki udaba ophikweni lwe-SU Equality Unit okwamanje, kodwa sinikezwe imininingwane ngezindlela ezahlukene esingabika ngazo isigameko ngaphakathi. Uzosizwa ngalokhu,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uKaputeni Frederick van Wyk.
Inyuvesi ikuqinisekisile ukuthi omunye wabafundi bayo uboshiwe futhi umisiwe esikoleni.
“Osolwa ngobugebengu, umfundi ohlala endaweni yokuhlala abafundi i-SU, uboshwe ngamaphoyisa akwa-SAPS izolo ekuseni.
“Ngokuhambisana nezinqubo nezimiso, inyuvesi izokhipha umsolwa endaweni ahlala kuyo, ukuze kuqhutshekwe nophenyo lwangaphakathi olwenziwa abomthetho,” kusho isitatimende senyuvesi.
Lesi sigameko senzeke kulo leli sonto ngemuva kokuthi omunye umfundi emisiwe ngenxa yokuchamela impahla yomunye umfundi.
NgoLwesine olwedlule inyuvesi iphinde yabhekana nesinye isigameko sokucwasa ngokwebala ngesikhathi umfundi ongowumdabu waseNduya egconwa emcimbini womdanso wesikole.
Inyuvesi izigxekile izenzo zodlame ezenzeke kulesi sikhungo esontweni eledlule.
“Ayikho indawo yezenzo zodlame esikhungweni sethu. Siyazwelana nesisulu esidlwenguliwe,” kwengeza isitatimende.
IPhini likashansela wenyuvesi yaseKapa uMamokgethi Phakeng ugxekwe ngempendulo yakhe ezinsolweni zokudlwengula.
Umbhalo waku-Twitter ochitha izinsolo zokudlwengulwa komfundi ususiwe.
Umthombo wesithombe: @DailyMaverick