Sekutholwe esinye isidumbu esitolo eMlazi

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ngemuva kukaNtulikazi nyakenye indawo yaseMlazi eyaziwa ngokuthi ikwa-Jeena Warehouse ibihlale imatasa ngamakhasimende asuka edolobheni leTheku. Amashalofu akhona ayehlezi egcwele futhi kuhlezi kuphithizela abantu abavela kuzo zonke izindawo. 

Bekuyindawo ethandwa kakhulu umphakathi.

Kodwa manje esinye sezitolo ezinkulu nesidala eThekwini sesiphendulwe indawo yokulahla izidumbu.

Isidumbu sowesilisa ongaziwa sitholwe ngaphandle kwaleli bhilidi eselingasasebenzi ngoLwesihlanu. Lesi isidumbu sesithathu esitholwe kulo nyaka.

Ngesikhathi kuqala izinxushunxushu zokuzitapela ezitolo ngemuva kokuboshwa kowayenguMengameli uJacob Zuma ngoNtulikazi nyakenye, isitolo i-Jeena asizange sisale ekucekelweni phansi.

Abantu abaningi abanye babo okungenzeka ukuthi babethenga lapha babezitapela okwaphoqa ukuthi isitolo sivalwe futhi asiphindanga sasimama.

Lesi sitolo esiseduze nehostela elidume kabi i-Glebelands eMlazi besijwayele ukudayisela abantu baseFolweni naKwaMakhutha.

Ngenyanga edlule abantu basesigcemeni sakwa-V eMlazi bavuke kabuhlungu bethola izidumbu zabesifazane ababili okuthiwa balahlwe esitolo. Kamuva bahlonzwa ngokuthi u-Ashly Jaers (30) kanye nomshana wakhe uLee-Ann Jaers (17).

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi okwamanje akekho osaboshiwe ngamacala okubulala amabili.

Isidumbu sakamuva naso asikaziwa futhi akukaboshwa muntu ngokusho kwamaphoyisa. 

Umnikazi wesitolo uRajesh Moonsamy utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abanayo imali yokwakha kabusha lesi sitolo.

“Kubuhlungu lokhu ngoba kade sizitshela ukuthi siyingxenye yomphakathi. Kodwa ngesikhathi beqala ukulahla izidumbu ngemuva kwezinxushunxushu zokuzitapela ngoMbasa ilapho esibone khona ukuthi konke esikusebenzele kanzima kuphelile.”

Umholi womphakathi uMusa Cebekhulu uthe: “Sibhekene nezinkinga eziningi zokubulawa kwabantu endaweni ngemuva kokucekelwa phansi kwenxanxathela yezitolo.”

Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala esitolo.

Isithombe esingenhla siveza isitolo sakwa-Jeena Warehouse eyake yaba isizinda somphakathi esiphendulwe indawo yokulahla izidumbu.

Umthombo wesithombe: Lungani Zungu, Facebook

Izihloko zakamuva