Sekutholakale umfundi oyedwa one-monkeypox

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umfundi owenza uGrade 1 e-Iketleng Primary School eHammanskraal, eTshwane, uhlolwe ukuthi une-monkeypox ngoMsombuluko.

Lesi yisigameko sokuqala sesifo esithathelanayo esibangelwa amagciwane esikoleni sikahulumeni saseGauteng kusukela ngoNhlaba.

Imonkeypox isabalala ngokusondelana nomuntu onegciwane, isilwane, noma izinto ezingcolile.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uSteve Mabona uthe le ntombazanyana ivakashele amalungu omndeni eBosplas ngempelasonto, lapho ezinye izihlobo zikhombise izimpawu ze-monkeypox.

“Emuva kokubuyela ekhaya intombazane ibe nezilonda ezilumayo, yaphuthunyiswa esibhedlela ngoMsombuluko, kwatholakala ukuthi inaleli gciwane,” kusho uMabona.

“Manje uthola usizo lwezempilo futhi uhlala yedwa nomndeni wakhe.”

Iminyango yezemfundo nezempilo eGauteng izolandela imigomo ukuze kunqandwe lesi simo futhi kunqandwe ukubhebhetheka kwaso.

Ithimba lesifundazwe loHlelo Oludidiyelwe lwezeMpilo lweZikole lizovakashela isikole ukuze linikeze imfundo yezempilo kanye nokuhlolwa.

“Nakuba ubungozi busephansi, sinxusa abazali ukuthi baqaphe futhi baqinisekise ukuthi izingane zenza inhlanzeko, okuhlanganisa ukugeza izandla njalo nokugwema ukuthintana nabantu abangaphilile,” kusho uMabona.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, ukubonile ukukhathazeka okungase kudalwe yizindaba kodwa wathi uMnyango usiphethe ngokucophelela lesi sigameko.

“Sisebenzisana kakhulu neziphathimandla zezempilo ukuze kunqandeke ukubhebhetheka kwalesi sifo” kusho uChiloane.

“Sicela abazali ukuthi balandele izinkombandlela zezempilo futhi babike noma yiziphi izimpawu ezisolisayo ze-monkeypox kubahlinzeki bezempilo ngokushesha.”

Lesi sifo satholwa okokuqala maphakathi ne-Afrika ngeminyaka yango -1950 futhi sisalokhu sikhona emazweni angu-11.

Izimpawu zihlanganisa umkhuhlane, ubuhlungu bekhanda, ubuhlungu bemisipha, nokukhathala. Ukuqubuka kuvame ukuvela osukwini olulodwa kuya kwezinhlanu ngemva kokutheleleka.

Awukho umuthi wokugomela i-monkeypox, kodwa umuthi wokugomela ingxibongo usebenza ngo-85% ngokumelene nesifo.

Isithombe esingenhla: Monkeypox.

Umthombo: Stock

Izihloko zakamuva