Zukile Majova
Amaphoyisa aqale uhlelo lokuxhumanisa abanye abangu-80 abaphuma emazweni angaphandle abasanda kuvela eNkantolo yeMantshi yase-Krugersdorp neqembu lezigelekeqe elidlwengule abesifazane abayisishiyagalombili ezinsukwini eziyishumi ezedlule.
Izisulu beziyingxenye yethimba ebelithwebula ifilimu endaweni yokulahla udoti emayini ngaphandle kwase-Krugersdorp.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele utshele umphakathi wase-Kagiso ukuthi imiphumela yolibofuzo lwamadoda angu-80 isibuyile elabhorethri futhi kunethemba lokuthi amacala amasha azokwengezwa ohlwini lwabasolwa.
Kuze kube manje, abaphuma emazweni angaphandle e-Mozambique, e-Lesotho, e-Zimbabwe kanye nase-Malawi bathweswe icala lokwephula imithetho yabaphuma emazweni angaphandle kuleli.
Ngemuva kwezinsuku eziyishumi zokuqoqa laba abaphuma emazweni angaphandle, amaphoyisa awakabutholi ubufakazi obuphathekayo obumatanisa la madoda aboshiwe necala lokudlwengula.
Manje lonke uphenyo lwamaphoyisa seluncike kubasolwa abazomataniswa nobugebengu ngemiphumela yolibofuzo.
Ukubhekisiswa komazisi nakho kunamathuba amancane okuthi kuveze imiphumela emihle ngenxa yokuthi iqembu lamadoda angu-20 elihlasele ithimba labebethwebula ifilimu beligqoke izingubo zokulala futhi limboze ubuso ngama-balaclava.
Amaphoyisa nawo abengakazithathi izitatimende ezifungelwe kwamanye amalungu eqembu labebethwebula ifilimu. Kodwa-ke, ubuholi bamaphoyisa buhlangane nezisulu eziyisithupha kweziyisishiyagalombili esiteshini samaphoyisa e-Alexandra ngesonto eledlule.
Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa uLirandzu Themba uthe amacala amasha azokwengezwa ngemuva kokuthi abasolwa bemataniswe ngolibofuzo.
“Ukuze babhekane necala lokuhlukumeza ngokocansi noma ukudlwengula kuzodingeka ukuthi bamataniswe ngemiphumela yolibofuzo.
“Imiphumela isibuyile. Manje sekusele ukuthi imataniswe nalaba basolwa. Kuyinqubo impela; sikhuluma ngabasolwa abangaphezu kuka-80.”
Utshele i-SABC ukuthi iningi labavukuzi abangekho emthethweni sebecutshunguliwe, okusho ukuthi bathathwe izigxivizo zeminwe kanye namasampula e-buccal (athathwe ngokuqoqwa kolibofuzo ngaphakathi emlonyeni womuntu).
Uma kungekho noyedwa kubasolwa omataniswa necala ngolibofuzo, kulindeleke ukuthi abaphenyi bamaphoyisa basebenze kanzima njengoba sebebophe abavukuzi abangekho emthethweni abangaphezu kuka-300 kulesi sifunda.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola uthe izinhlaka ezahlukene ezikhethekile zizoqala ukusesha i-Kagiso nemiphakathi eyizungezile ngoMsombuluko.
“Sizotshala i-TRT, i-NIU, i-Special Task Force kanye namaqembu e-K9 aqeqeshwe kakhulu ukuze siqinisekise ukuthi sikhipha zonke izinto ezingafuneki kule ndawo.
“Noma ngubani owenza okungalungile uzohlangana nezimbila zithutha.”