Sekusungulwe ucwaningo olungasiza ekuvuseni induku 

Unenkinga yokuvusa induku yakho? ukwelapha izitho zakho zangasese ngokusebenzisa i-red light therapy nsuku zonke kungase kube isixazululo sezinkinga eziningi. 

Ukwelashwa nokuxazulula ukungasebenzi kahle kwenduku yakho kungasizwa i-red light therapy eveza ithoshi elikhethekile ngemuva kokuba induku ijovwe.

Inhlanganisela ye-NORD-1 isebenza ekukhanyeni ngokukhipha i-nitric oxide, igesi esiza ukuhamba kwegazi futhilokho kubalulekile ngoba kusiza uma uchama.

Ososayensi base-Japan ngemuva kocwaningo bakhombise ukuthi lokhu kwelashwa kusebenza kahle kwizilwane futhi bazoqala ukuhlola lokhu kubantu eminyakeni embalwa ezayo.

Ukwelashwa nge-red light therapy kuzosebenzela abesilisa abehluleka ukusizwa amaphilisi efana ne-Viagra ne-Cialis.

Ngakho-ke, ososayensi base-Japan babona ucwaningo lwe-red light therapy njengenye yezindlela ezingenzeka. Ucwaningo lushicilelwe ku-World Journal of Men’s Health.

Ngesikhathi socwaningo ukujova okuhlanganisa i-NORD-1 kwinduku ngaphandle kwe-red light therapy akuzange kube impunelelo, kubika i-Daily Mail.

Nokho ngokusebenzisa i-red light therapy kusiza ekukhipheni i-nitric oxide ephuma uma kunokukhanya ezithweni zangasese.

Abacwaningi baseNyuvesi yase-Nagoya City e-Japan baqaphela izinguquko kumagundane ngemuva kokusebenzisa i-red light therapy. 

Ngemuva kwamasonto amane nje, kube nezimpawu ezihlukene.

USolwazi Paul Chazot, ongusosayensi waseNyuvesi e-Durham  nowenza ucwaningo ngokwelapha kusetshenziswa i-red light therapy ukuze kuthuthukiswe ukuhamba kwegazi ebuchosheni, uthe ukwelashwa kunenzuzo enkulu.

“Ukukhishwa kwe-nitric oxide kungaba inzuzo ezimeni ezimbalwa okuhlanganisa ukungasebenzi kahle kwenduku. Ngakho lokhu kungase kube usizo, kodwa okwamanje basakuzame kumagundane njengoba kubukeka ngathi angeke kuhambelane kahle nabantu.”

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: I-red light therapy 

Umthombo wesithombe: Pixabay

Izihloko zakamuva