Izelamani ezimbili, ezinemingaka emine neyisithupha ubudala zishone ngemuva kokudla ukudla okunoshevu ePitoli ngoLwesine ebusuku.
Badle ipapa nesobho ekhaya.
Ingane eneminyaka emine ishone ngesikhathi befika esibhedlela, umfowabo oneminyaka eyisithupha otholwe ethuli ekhihliza amagwebu washona ngemuva kwesikhashana.
Umzala wabo oneminyaka emithathu ubudala, ongadlanga ukudla okufanayo, uphuthunyiswe esibhedlela kodwa wadedelwa ngemva kokuba odokotela bengatholanga lutho kuye.
Ngabo lobo busuku, eVosloorus, ezinye izingane ezintathu, eneminyaka emithathu, emihlanu, neyisithupha, ziphuthunyiswe emtholampilo zinezimpawu zokuthi zidle ukudla okunoshevu (food poisoning).
Izingane ezimbili ezincane bese zishonile ngesikhathi zifika esibhedlela, kanti ingane eneminyaka eyisithupha isesimweni esibucayi.
Bonke badle ama-chips amazambane nomalume wabo oneminyaka engu-28 ubudala, naye olaliswe esibhedlela kodwa wabuye wadedelwa.
Lokhu kuyingxenye yenkinga ekhulayo eGauteng, lapho ziyanda izingane ezigula ngenxa yokudla okunoshevu, ikakhulukazi emalokishini, emijondolo nasemahostela.
UMnyango wezeMpilo eGauteng uxwayisa abazali ukuthi baqikelele ukuthi izingane zabo zidlani.
Kwesinye isigameko ngasekupheleni kwesonto eledlule, izingane eziyisikhombisa zingeniswe esibhedlela iThelle Mogoerane Regional Hospital ngoLwesine olwedlule ngezinsolo zokuthi zidle ukudla okunoshevu.
Izingane eziyisithupha zishonile, eyodwa isesimeni esibucayi.
Kusukela ngoNhlangulana ka-2024, sekube nezigameko ezingu-207 zokudla okunoshevu ezithinta izingane eGauteng, nokuholele ekushoneni kwabantu abangu-10. Izigameko zibikwe kanje:
ETshwane: Bangu-31 abaguliswe ukudla okunoshevu kanti bathathu eGoli: Abantu abangu-40.
Ekurhuleni: Abantu abangu: 119, abane abashonile.
E-West Rand: abantu abangu-14.
ESedibeng: Abantu abangu-3, kanti bangu-3 abashonile.
UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNomantu Nkomo-Ralehoko, uthe ukhathazeke kakhulu ngokwenyuka kwezibalo zezingane ezibulawa ukudla okunoshevu.
Umnyango usebenzisana nezikole nemiphakathi ukufundisa abantu ngokuphepha kokudla, ukugeza izandla ngamanzi ahlanzekile.
Lubhalwe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: Isidlo sasemini sasesikoleni.
Umthombo: Stock