Lubhalwe nguLungani Zungu
Ubhekene nezinhlungu ekhaya uThabo Ngema ngemuva kwezinsolo zokuthi ujikiswe ngabasebenzi bakahulumeni abebetelekile okuhlanganisa nabahlengikazi basesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngeledlule.
UNgema ohlushwa i-hip bursitis esaqhubeka nokukhula utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bekumele ahlinzwe ngoLwesibili.
Nokho uthe efika esibhedlela wahlangatshezwa idlanzana lababhikishi abanye abebegqoke izikibha ze-National Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu).
“Babe sebengitshela kanye nezinye iziguli ukuthi isibhedlela sivaliwe akungeni muntu. Bebeyidlanzana ngaphandle kwesango lesibhedlela,” kusho uNgema.
Umangele uNgema ebona abanye abantu bephuma esibhedlela abanye behamba ngezimoto abanye behamba ngezinyawo.
“Angazi ukuthi basivimbeleni ngoba ngikholelwa ukuthi besisendaweni efanele ngesikhathi esingafanele, kodwa abakwenzile akukhombisanga ubuntu, ikakhulukazi kubantu okufanele basize abanye abantu ikakhulukazi thina esibuthaka.”
Uthe uzobuya ngoMsombuluko ukuze athole usuku olusha azohlinzwa ngalo.
I-Scrolla.Africa ivakashele esibhedlela ngoMgqibelo yathola isimo sidambile ngaphandle.
Izibhedlela eziningi zisenkingeni ezweni lonke njengoba zisebenza nabahlengikazi abangaphelele ngenxa yesiteleka esingena esontweni lesibili njengamanje.
Inyunyana iphikisana nesiphakamiso sikahulumeni sika-4.7%, ifunga ukuthi izonqwabelanisa ingcindezi yokuthi avume ukunyuswa ngo-10%.
Esithangamini nabezindaba ngeSonto, uMengameli wale nyunyana uMichael Shingange uthe ngeke bathathe lutho ngaphansi kwezinga elingu-6.9%.
“Uma besinika okungaphansi kwalokho akukhona ukukhushulwa lokho,” kusho uShingange.
Kodwa kubukeka sengathi uhulumeni akumnyakazisi lokhu ngoba ume ekutheni imali ayikho.
Okubuhlungu lesi siteleka sesiholele ekushoneni kwabantu abane ngokusho koMnyango wezeMpilo.
KwaDukuza, enyakatho ne-KZN isithuthi seziguli ebesithwele ingane egula kakhulu sijikiswe emasangweni esibhedlela i-General Gizenga Mpanza.
I-IFP e-KZN ifuna uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uNkk Nomagugu Simelane ethule uhlelo olunemininingwane yokuthi uhlela ukubhekana kanjani nokusilela emuva okudalwe isiteleka.
USimelane uthe sekubuye ukuthula ezibhedlela eziningi okuhlanganisa nesibhedlela iGizenga Mpanza KwaDukuza.
Esithombeni esingenhla: UMnu Thabo Ngema okuthiwa uvinjwe amalungu e-Nehawu abebhikisha esibhedlela i-Prince Mshiyeni
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe