Sekushone abayisishiyagalombili ehostela eThekwini

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Isibalo sabashonile esigamekweni sokubulawa kwabantu abaningi ehostela elidume kabi i-Glebelands eThekwini sesinyuke safinyelela kwabayisishiyagalombili.

Abaseshi bethimba lesifundazwe okuyilona eliphenya amacala okubulala bathe isigameko sokudubula senzeke egunjini elise-Block 57 ehostela elokishini laseMlazi.

“Bekukhona abantu abangu-12 egumbini elilodwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Kulimale abantu abathathu kanti ababili abazange babe nalutho,” kusho amaphoyisa.

Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-2:45 ekuseni ngoMgqibelo ngesikhathi laba besilisa bebephuza utshwala kwigumbi eliku-Block 57.

Kungene abantu abangaziwa abebehlomile bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko.

Umnikazi wegumbi usinde kulesi sigameko ngokugxumela efasiteleni lesitezi sesibili wathola imihuzukwana.

Abantu abayisikhombisa bashonele endaweni yesigameko kwathi oyedwa wabalimele washonela esibhedlela ngeSonto.

“Amaphoyisa aphenya amacala ayisishiyagalombili okubulala namane okuzama ukubulala. Isizathu asikaziwa okwamanje. Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuthi athinte i-CrimeStop ku-08600 10111 noma asebenzise i-MYSAPS APP,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker.

Ihostela eliseningizimu yeTheku laziwa ngamaqembu athenga izinkabi ezimpini zasembonini yamatekisi, aqola abantu imali, ukuzama ukubulala nokubulala ukuze uqiniswe njengelungu leqembu.

Kumanje kunokwesabela ukuthi lesi sigameko sokudubula singase sikhombise ukuqubuka kodlame kuleli hostela futhi simataniswa neqembu lodumo i-Glebelands 8, okuyiqembu labesilisa elalihlale lihlomile lihlukumeza umphakathi kusukela ngo-2014.

Bonke balahlwa ngamacala base begwetshwa iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoNhlolanja ngamacala amaningi okubulala namanye enziwa phakathi kuka-2014 no-2016.

Bagwetshwe noMnu Bhekukwazi Mdweshu owayengumseshi odume kabi esiteshini samaphoyisa e-Durban Central.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa asesha ehostela elidumile e-Glebelands

Umthombo wesithombe: @SAPoliceService

Izihloko zakamuva